Ukucijisa
Ukucijisa kuyindlela yokuthuthukisa eyenzeka lapho umuntu oyingcweti, obizwa ngokuthi umcijisi, esekela umfundi noma umthengi ekufezeni impokophelo ethile yomuntu siqu noma yobungcwepheshi ngokumqeqesha nokumqondisa. Umfundi ngezinye izikhathi ubizwa ngokuthi ocijiswayo. Ngezinye izikhathi, ukucijisa kungasho ubudlelwano obungahlelekile phakathi kwabantu ababili, omunye wabo oyingcweti enolwazi oluningi kunomunye futhi ahlinzeke ngeseluleko nesiqondiso njengoba lo wokugcina efunda; kodwa ukucijisa kuhlukile ekucathuliseni ngokugxila emisebenzini noma ezinhlosweni ezithile, ngokungafani nemigomo evamile noma intuthuko iyonke. [1]
uMsukagama
[hlela | Hlela umthombo]Igama elithi "ukucijisa" livela esenzweni ukucija, esisho ukulola, ukwenza bukhali, ukukhaliphisa. Lesi sezo sisebenza lapho umkhonto noma inkandi noma isigece silolwa ngenhloso yokusenza bukhali uma sizosebenza ukusika noma ukuhlaba okuthile. Uma umuntu ecijwa, ecijiswa kusho ukuthi ufundisa ulwazi namakhono aomkhaliphisa, amenze ahlakaniphe noma abe yingcweti yalokho acijiswa ngakho. Ukucijisa kuyingxenye yokuqeqesha, nakuba ukuqeqesha kuyigama elibanzi kunelithi ukucijisa. Cishe kufana nokulolonga. Umciji noma umcijisi ungabizwa ngomlolongi.
Ukusebenza kwebizo
[hlela | Hlela umthombo]Ukucijisa kungasetshenziswa emikhakheni efana nezemidlalo, ubuciko bokudlala (abaculi bathola abaciji bokucula ), ukulingisa (abaciji bedrama nabaciji bomvethezo ), kwezohwebo, ukunakekelwa kwempilo, ubudlelwano (isibonelo, abaciji bokuqomisa ), ukwelapha ukulimala ( ingqondo, umzimba, abaciji bomphefumulo ), kanye nokucabanga (isibonelo, abaciji bokucabanga okuhle ). Kwezinye izimo igama elifanele elithi ukuqeqesha, umqeqeshi esikhundleni selithi umcijisi.
- ↑ Cite error: Invalid
<ref>tag; no text was provided for refs namedPassmore