Ukucobelela ngenzululwazi

Ukucobelela ngenzululwazi kuhlanganisa izinhlobo zobuqhebeqhebe ezixhumanisainzululwazi kanye noluntu . Imigomo evamile yokucobelela ngenzululwazi ihlanganisa ukwazisa labo abangebona ongoti ngeziphumo zenzululwazi, ukukhulisa ukuqwasha komphakathi kanye nentshisekelo ngenzululwazi, ukuthonya izimo zengqondo nokuziphatha kwabantu, ukwazisa inqubomgomo yomphakathi, nokuxhumana nemiphakathi eyahlukene ukuze kuxoxwe nezinkinga zoluntu. Igama elithi "ukucobelela ngenzululwazi" ngokuvamile libhekisela ezimweni lapho izethameli zingezona izingcwetu ngesihloko senzululwazi okuxoxwa ngaso (ukufinyelela abangaphandle), nakuba abanye ababhali bethi ukucobelelana okuphakathi kwezingcweti ("ukufinyelela ngaphakathi" okwenziwa ngezishicilelwa emiheleni yenzululwazi ) ngakho kuluhlobo lokucobelelana ngenzululwazi.[1] Izibonelo zokufinyelela abangaphandle komkhakha emphakathini zihlanganisa ubuntatheli benzululwazi[2] kanye nokuxhumana kwezempilo.
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Illingworth, Sam; Allen, Grant (2020). "Introduction". Effective science communication: a practical guide to surviving as a scientist (2nd ed.). Bristol, UK; Philadelphia: IOP Publishing. pp. 1–5. doi:10.1088/978-0-7503-2520-2ch1. ISBN 9780750325189. OCLC 1172776633.
This chapter provides a clearer distinction between the two aspects of science communication that are discussed in this book: that which is aimed at engaging scientists (inward-facing) and that which is aimed at engaging non-scientists (outward-facing).
- ↑ Anderson, Josh (February 2023). A View From the Trenches: Interviews With Journalists About Reporting Science News. p. 39–64.