Ukucubungula
Ngokusetshenziswa okuvamile, ukucubungula kuwukubhekisisa okuhlelekile nokuhlola ukufaneleka, isizima nobumqoka kokuthile, kusetshenziswa umbandela olawulwa iqoqo lezindungabiso. Kungasiza ekuthathweni kwezinqumo kwanoma iyiphi inhlangano, uhlelo, umklamo, nanoma yikuphi ukungenelela noma isinyathelo sokuhlola noma iyiphi inhloso, isiphakamiso esingafezeka, nanoma iyiphi enye indlela ; noma ukukhiqizeni izinga lempumelelo noma isizima maqondana nenhloso nezimpokophelo kanye nemiphumela yanoma yisiphi isenzo esinjalo esesiqediwe.
Inhloso eyinhloko yokucubungula, ngaphezu kokuthola ukuqonda mayelana nezinhlelo zangaphambilini noma ezikhona, ukunika amandla ukuzindla nokusiza ekuhlonzeni ushintsho lwesikhathi esizayo. Ukucubungula kuvame ukusetshenziselwa ukuveza nokulinganisa izihloko ezithakaselwayo kuzo ezinhlobonhlobo zemikhakha yabantu, okuhlanganisa ezobuciko, ubulungiswa bobugebengu, izisekelo, izinhlangano ezingenzi nzuzo, uhulumeni, ukunakekelwa kwezempilo, nezinye izinsiza zabantu.