Jump to content

Ukudla kwesintu kwamaZulu

Mayelana Wikipedia
Ipapa namabhonjisi

Ukudla kwesintu kwamaZulu kubalulekile ngoba kunempilo. Ukudla kwesintu okudumile ngesintu samaZulu kuba uphuthu, amadumbe, ujeqe nobhontshisi, amasi, umqombothi, amahewu, idombolo kanye nesijingi. Ukudla kwesintu kwamaZulu kugqamisa ukuziqhenya kwabo ngesintu sabo. Abokuvakasha uma beza eNingizimu Afrika bayakujabulela ukudla kwesintu kwamaZulu. Amasi uphuzo oludume kakhulu kusintu sesiZulu. Izinsizwa yizona ezivame ukusenga ubisi ezinkomeni lolu bisi uma lihlaliswe izinsuku lijika lube muncu luphenduke amasi. Amazulu avame ukudla amasi kanye nophuthu. Uphuthu lona bavame ukulidla nemifino.[1]

Ukudla kwesintu kwamaZulu kunezinzuzo ezinhle. Kuyasiza kakhulu uma ngabe umuntu efuna ukukhuluphala. Kunempilo futhi kunomsoco. Uma ngabe abantu banemicimbi futhi babhiyoza bayaye bapheke ukudla kwesintu ukuze umcimbi uzohamba kahle.[2]

Okufakazayo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.southafrica.net/za/en/travel/article/zulu-cuisine-the-dishes-and-traditions
  2. https://www.southafrica.net/za/en/travel/article/zulu-cuisine-the-dishes-and-traditions