Ukudla okuGuqulwe iziFuzisi

Ukudla okuGuqulwe iziFuzisi, okubuye kwaziwe ngokuthi ukudla okuNgcikishwe iziFuzisi, noma ukudla okuNgcikishwimpilo kungukudla okukhiqizwa ngeziphili eziguqulwe uLibofuzo lwazo kusetshenziswa izindlela ezihlukahlukene zomngcikisho wezofuzo .
Incasiselo
[hlela | Hlela umthombo]Ukudla okuguqulwe izifuzisi ziwukudla okukhiqizwa ngeziphili eziguqulwe ulibofuzo lwazo kusetshenziswa izindlela zomngcikisho wezifuzisi ngokuphambene nokuzalanisa..[1][2] Igama elithi umngcikisho wezifuzisi noma ukuguqula izifuzisi asho into eyodwa, futhi lamagama achaza izindlela zokukhipha noma ukucobelela izifuzisi ezithile ofuzweni lesiphili.[3][4]
NgokweNhlangano Yezempilonhle Yamazwe, "Ukudla okukhiqizwa ngeziphili eziguqulwe izifuzisi kufanele bubizwe ngokuthi Ukudla okuguqulwe izifuzisi.
Akukacaci ukuthi yini eyakha okuthile kube isiphili esiGuqulwe izifuzisi (GMO), amazwe Omhlaba neziNhlangano zamazwe azikaphumo nencasiselo eyodwa.[5]
Ukuphawula Ukudla namagama athi 'akuguquliwe izifuzisi (Non-GMO' noma 'GMO-free') kwezomdayiso kuhlezi kuguquguquka. Imikhiqizo efana netswayi, amanzi, equkethe Izinto eziguquliwe Kodwa yona engenakuguqulwa, hlezi ophawula ngenjongo yokwenza sengathi ihlabahlosile ngokwempilo.[6][7]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ World Health Organization. "Frequently asked questions on genetically modified foods". Kulandwe ngomhlaka 29 March 2016.
- ↑ "Genetically engineered foods". University of Maryland Medical Center. Archived from the original on 2016-02-14. Kulandwe ngomhlaka 14 Feb 2016.
- ↑ "Glossary of Agricultural Biotechnology Terms". United States Department of Agriculture. 27 February 2013. Kulandwe ngomhlaka 29 September 2015.
- ↑ "Questions & Answers on Food from Genetically Engineered Plants". US Food and Drug Administration. 22 Jun 2015. Archived from the original on June 23, 2015. Kulandwe ngomhlaka 29 September 2015.
- ↑ "Organisms obtained by mutagenesis are GMOs and are, in principle, subject to the obligations laid down by the GMO Directive" (PDF). curia.europa.eu. Kulandwe ngomhlaka 2019-01-05.
- ↑ Knutson, Jonathan (May 28, 2018). "A sad day for our society when salt is labeled non-GMO". Agweek (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2021-07-09.
- ↑ "Non GMO salt? Water? Food companies exploit GMO free labels, misleading customers, promoting misinformation". Genetic Literacy Project (in i-English). 2015-08-24. Kulandwe ngomhlaka 2021-07-09.