Ukufelebisa

Ukufelebisa noma ukubhala ngosonhlamvukazi kuwumkhuba wokubhala igama elinonobumba wokuqala ongufeleba (uhlamvu olukhulu) kanye nezinhlamvu ezisele ezinhlamvini ezincane, ezinhlelweni zokubhala ezinezinhlamvu ezihlukanisiwe . Leli gama lingabhekisela nasekusetshenzisweni kwezinhlamvu ezinkulu ngokujwayelekile, noma ukukhetha phakathi konobumba abakhulu nabancane.
Imithetho yokufelebisa iyahlukahluka phakathi kwezinhlelo zobhalomagama ezamukelwe. Ukusetshenziswa okuhlelekile kwamagama afelebisiwe kanye namagama angabhalwanga ngosonhlamvukazi embhalweni osebenzayo kubizwa ngokuthi ukuxuba onobumba. Kunamagama ahlukahlukene emithetho ehlukene yokwenza yokufelebisa, kufaka phakathi ukufelebisa emushweni kanye nokufelebisa iziqu .
Incasiselo
[hlela | Hlela umthombo]Ukufeleisa kuwumkhuba wokubhala igama elinonobumba wokuqala ongufeleba (uhlamvu olukhulu) kanye nezinhlamvu ezisele ngosonhlamvukazi abancane, ezinhlelweni zokubhala ezinezihlukaniso zonobumba . Leli gama lingabhekisela nasekusetshenzisweni kwezinhlamvu ezinkulu ngokujwayelekile, noma ukukhetha phakathi kosonhlamvukazi abakhulu nabancane .
Ukusetshenziswa okuhlelekile kwamagama abhalwe ngofeleba kanye namagama angabhalwanga ngofeleba embhalweni osebenzayo kubizwa ngokuthi izinhlamvu ezixubile .
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]Imithetho yokufelebisa iyahlukahluka phakathi kwezinhlelo zobhalomagama ezivamile ngokuhamba kwesikhathi. Isibonelo, imithetho ephelele yokufelebisa ngesiZulu iyinkimbinkimbi futhi ishintshile ngokuhamba kwesikhathi. Ubhalomagama nezindlela zokufelebisa zabukezwa ngoyaka we-1957, ngowe-1962. Isibukezo sonyaka we-1972 sasihlangnisa ukufelebiswa kwezichasiso zamabizo, amabizo ezinyanga zonyaka, amagama ezincwadi zeBhayibheli, izihlonipho nezikhundla zabantu, namagama ezikole namaposi.[1] Kwaba nesinye isibuyekezo sonyaka we-1993 safaka umthetho othi ‘uhlamvu lokuqala emuva kukankamisa wokuqala’ kuyofelebiswa amagama ezinhlangano, ezigameko zomlando.[2] Izindlela ezisetshenziswa ukufelebisa embhalweni yakudala azisafani nesiZulu sanamuhla.