Ukufikelela ukwaziswa
Appearance
Ukufikelela ukwaziswa kuyinkululeko noma ikhono lokuhlonza, ukuzuza nokusebenzisa isizindamininingo noma ukwaziswa ngempumelelo.
Kunemizamo eyahlukene yocwaningo ngokufikelela ukwaziswa impokophelo yayo iwukwenza kube lula futhi kube nomthelela kakhudlwana kubasebenzisi abangabantu ukuze bafikelele futhi baqhubeke nokudludlunga amanani amakhulu nangenakulinganiswa emininingo nokwaziswa .
Kukhona ezobuchwepheshe ezisebenza endaweni evamile ezifana ukudoncula ukwaziswa, Ukuthapa isiqakaqo, Ukuhumusha kwenguxa, kanye Nokujinja isiqakaqo .