Jump to content

Ukugcina izilimi zase-Ningizimu Afrika

Mayelana Wikipedia

Ulimi isakhiwo esihleliwe sokuxhumana esiqukethe imithetho ehlukene yokukhulunywa kolimi kanye nohlelo lwamagama asentshenziswayo ekukhulumeni. Abantu badlulisa imilayezo ngendlela ekhulunywayo nebhalwayo. I-Ningizimu Afrika iqukethe izilimi ezingama-35 ezikhulunywayo, yazisa izilimi eziyi-12 okuyi Afrikaans, English, isiNdebele, isiXhosa, isiZulu, Sepedi, Setswana, isiSwati, Tshivenda, Xitsonga kanye ne-South African Sign Language Kanye nezilimi ezine zama Khoisan.[1] Abantu baseningizimu Afrika bazi izilimu ezimbili kuya phezulu.

ukukhuluma.

Ukusentshenziswa kolimi.

[hlela | Hlela umthombo]

Izilimi zisentshenziselwa ukuxhumana, ukukhuluma, ukufunda, ukuphupha, ukugcina amasiko, ukumela ezepolitiki kanye nokuveza imizwa.[2]

Ukubaluleka kokugcina izilimi.

[hlela | Hlela umthombo]

Ukugcina izilimi kuqhubekisa amasiko, iziga, imikhuba kanye nendabuko yamasiko ethu. Ukuvikela izilimi kuvumela ukugcina ulwazi luphila kanye nokuqinisa izinga lokujwayela. Ukugcina izilimi kukhuphukisa amakhono ukuze ukwazi ukuqhubekela phambili ngemfundo uze uthole iziqu ezivumela ukuthi uthole umsebenzi ezindaweni ezahlukene. Ukwazi ukugcina ulimi kuvumela ukuthi uhambe izindawo ngaphandle kokusaba ngoba uzokwazi ukuthola indlela oyifunayo kanye nokubuza ulwazi uma ulahleka. Ukugcina izilimi kwenza ukuthi ube nokuzithemba kanye nokwazi imvelaphi yakho. Ukwazi izilimi kuvumela ukuthi ukwazi ukuhamba izwe lonke ngoba uzokwazi ukuxhumana nabanye abantu. Ukugcina izilimi kuqeqesha ingqondo futhi kwenza umqondo uhlakaniphe.[3] Ukugcina ulimi kwenza ukuthi uthande amanye amasiko ngoba ukuze wazi olunye ulimi kemele wazi amasiko akhona nemikhuba yalolo limi. I-PanSALB[dead link] ingqungquthela edlala indima ekugcineni nokukhulisa izilimi zase-Ningizimu Afrika, ikakhulukazi izilimi zomdabu.[4]

Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika.

Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika ulawula umongameli kanye nabo bonke abantu abaphila ezweni lase-Ningizimu Afrika. Imithetho ilawula ukuthi abantu kufanele baziphathe futhi baphathane kanjanai. INingizimu Afrika ibonakala njengezwe elinemithetho elingene emhlabeni wonke. Umbono womthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika ukuthi bonke abantu bayalingana, lokhu kusho ukuthi akekho umuntu ovumeleke ukubandlulula omunye umuntu ngenxa yebala, amasiko, izinkolelo, ibala, ulimi kanye nangobulili.[5]

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://southafrica-info.com/arts-culture/11-languages-south-africa/
  2. https://www.britannica.com/topic/language
  3. https://www.un.org/en/desa/protecting-languages-preserving-cultures-0
  4. https://nationalgovernment.co.za/units/view/58/pan-south-african-language-board-pansalb#:~:text=The%20Pan%20South%20African%20Language,in%20South%20Africa%2C%20including%20German%2C
  5. https://www.justice.gov.za/constitution/SAConstitution-web-eng.pdf