Ukugcomba
Appearance
Kwezokucikiza, ukugcomba kuyisenzo sokugcina isigcombo esiwumlando wezehlakalo ezenzeka ohlelweni lwesicikizi, njengezinkinga, amaphutha noma ukwaziswa okubanzi ngemigidingo yamanje. Lezi zehlakalo zingase zenzeke kuhlelomgidingo noma kolunye uhlelokusebenza. Umyalezo noma umbhalo wesigcombo uyaqoshwa ngesehlakalo ngasinye esinjalo. Le miyalezo yelsigcombo ingasetshenziswa ukwelusa nokuqonda ukugidinga kohlelo, ukulungisa izinkinga, noma ngesikhathi sokuhlolwa . Ukugcomba kubaluleke kakhulu kuhlelokusebenza elitshenziswa abasebenzisi abaningi, ukuze kube nombono onyombonisiwe wakho konke ukugidinga kohlelo.