Ukugolomba
Ukugolomba noma isidobo wuhlobo lomngcikisho wezenhlalo kanye nobuqola lapho abahlaseli bekhohlisa abantu ukuze baveze ukwaziswa okubucayi [1] noma bafake uhlelo olungayilungele ikhompyutha olunjengamagciwanyani, izinyundu, i - adware, noma nezihlengelelo . Uhlaselo lokugolomba seluyinkimbinkimbi futhi kuvame ukulingisa isizindalwebu esingcibishiwe, okuvumela umhlaseli ukuthi abone yonke into ngenkathi isisulu sizulazula kwisizindalwebu, futhi eqa noma yimiphi imingcele yokulondeka eyengeziwe Kanye nesisulu. Kusukela ngowezi-2020, isidobo noma ukugolomba sekuwuhlobo lobugebengu boxhakaxholo oluvame kakhulu, njengoba i-Internet Crime Complaint Center ye-FBI ibika izehlakalo eziningi zokugolomba kunanoma iluphi olunye uhlobo lobugebengu boxhakaxholo.
NgesiZulu, igama elithi "ukugolomba" linencazelo efanayo nalelo elithi 'ukudoba' futhi lisho ukusebenzisa into ethile ukuze udobe noma uhehe isisulu ngenhloso yokusibamba. Linencazelo efana nelesingisi elithi phishing elaqoshwa okokuqala ngo-1995. [2]
- ↑ Jansson, K.; von Solms, R. (2011-11-09). "Phishing for phishing awareness" (in en). Behaviour & Information Technology 32 (6): 584–593. doi:10.1080/0144929X.2011.632650. ISSN 0144-929X. http://www.tandfonline.com/doi/abs/10.1080/0144929X.2011.632650.
- ↑ Wright. The Big Phish: Cyberattacks Against U.S. Healthcare Systems.. p. 1115–8.