Ukugujwa kosuku laMandela.
UMadiba, owaziwa ngelika Nelson Mandela Mandela wayaziwa njengamanye amaqhawe amakhulu eNingizimu Afrika. Usuku luka Mandela lugujwa mhla ziyi-18 kuNtulikazi ukuhlonipha impilo kanye nefa lika lakhe. Lolu suku lubiza abantu, imiphakathi kanye nezinhlangano ukuba bathathe isikhathi bezindle kwizimiso namagugu kaMandela ukuze bekwazi ukwenza umthelela omuhle emiphakathini yabo. Usuku luka Mandela lugqugquzela wonke umuntu ukuba athathe iskhathi (imizuzu engamashumi ayisithupha nesikhombisa) osukwini ukuze enze okuthile okuhle emphakathini noma komunye umuntu.[1][2]

Lolu suku lusikhumbuza impumelelo kaMandela ekusebenzeni ukuxazulula izingxabano, intando yeningi, amalungelo abantu, ukuthula nokubuyisana. Ukuhlonipha umsebenzi womphakathi kaNelson Mandela weminyaka engamashumi ayisithumpha nesikhombisa, wonke umuntu emhlabeni jikelele ubizelwe ukuthi aqoke imizuzu engamashumi ayisithupha nesikhombisa yesikhathi sakhe ukwenza umehluko ezimpilweni zabanye. Lolu suku lwadalelwa ukukhuthaza abantu ukuthi bamukele amagugu entando yeningi futhi babambe iqhaza emibonweni yokuqinisekisa ukuthi bamukele amagugu entando yeningi, futhi babambe iqhaza emibonweni yokuqinisekisa umphakathi onobulungiswa nongenzeleli, ukuthatha izinyathelo kanye nokugqugquzela izinguquko. Umlayezo womkankaso wosuku luka Mandela ukhuthaza abantu ukuthi basebenzise lemizuzu yesikhathi sabo ukuze basekele izinhlangano eziswele noma basebenze emphakathini wangakubo. Imizuzu engamashumi ayisithupha nesikhombisa ifanekisela inani leminyaka umongameli wangaphambili alwela amalungelo abantu kanye nokuqedwa kobandlululo. Usuku luka Mandela luyikhwelo lokuthatha isinyathelo kubantu ngabanye, umthwalo wokuguqula umhllaba ube indawo engcono, isinyathelo esincane ngesikhati, njengoba kwenza uNelson Mandela.[3][4]
Lolu suku ungaligubha ngokukhomba labo abadinga usizo eduze kwakho futhi wenze umehluko kubo. Ukuphepha kokudla kuyisidingo esiyisisekelo somuntu futhi ukukhiqiza okuzinzile kuyisici esibaluleke ekusekeleni, hlanganani njengomphakathi nenze izingadi futhi nitshale izithelo nezihlahla zomdabu. Ngenkathi umhlaba ubhekana nesimo sezulu esiguquguqayo, ungenza ingxenye yakho emphakathini wangakini ngokutshala izitshalo nezihlahla ezintsha, eziphilayo futhi ezingabizi kakhulu ukuze kuphile kahle wonke umuntu.[5]
Amasevisi ongawenza
[hlela | Hlela umthombo]Ungavolontiya ezinhlanganweni ezisiza abampofu, ungasiza ekhishini lesobho, indawo yokukhusela izilwane noma indawo yokunakekelwa kwabantu abadala. Unganikela ngegazi okuyisenzo esilula esingasindisa ukuphila. Yabelana ngamakhono nolwazi lwakho ukuze usize abanye. Hlela izincwadi, hlanza indawo, ipaki, ulwandle, indawo yomphakathi noma usize ngemicimbi. Yaba izimpahla zokugqoka ongasazidingi ezinhlanganweni ezizosabalalisa. Dala umncintiswano wamaphosta wezikole noma amaqembu entsha ukuze ubandakanye abantu abasa ngosuku luka Mandela.[6][7]
Izifinyezo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ https://www.mandeladay.com/
- ↑ https://www.mandela8.org.uk/my-67-minutes-2021/
- ↑ https://www.mandeladay.com/news/what-happened-to-67-minutes
- ↑ https://www.globetrottinkids.com/mandela-day-67-minutes-service/
- ↑ https://www.sacap.edu.za/blog/social-work-community-development/nelson-mandela-day/
- ↑ https://www.tiptrans.co.za/blog/mandela-day-67-minutes-western-cape
- ↑ https://www.sacap.edu.za/blog/social-work-community-development/nelson-mandela-day/