Jump to content

Ukuguquka kwesimo sezulu

Kubuya ku Wikipedia
Ukuguquka kwesimo sezulu

Ukuguquka kwesimo sezulu kungenye yezinselelo ezinkulu umhlaba obhekene nazo namhlanje. Ukuguquka kwesimo sezulu kuchaza izinguquko zesikhathi eside emazingeni okushisa komhlaba nezindlela izulu elenza ngazo esikhathini esithile. Nakuba ukuguquka kwesimo sezulu kwenzeka ngokwemvelo, nabantu banomthelela ekuguqukeni kwesimo sezulu. Lokhu sekudale umthelela omubi ezindaweni ezihlala imiphakathi nasemvelweni lapho sekwenyuke khona amazinga okushisa, indlela imvula elina ngayo, isomiso, izikhukhula nezinye izehlakalo zezulu. Lezi zinguquko zinomthelela kwezolimo, amanzi, impilo yabo ngokwejwayelekile, izinto eziphilayo ezitholakala endaweni eyodwa, nakwezomnotho. Njengoba ukuguquka kwesimo sezulu kuqhubeka nokuthinta imiphakathi emhlabeni jikelele, kunesidingo esikhulu sokuqonda ukuthi ngabe sidalwa yini nokuthi singavinjelwa kanjani.

Izimbangela zokuguquka kwesimo sezulu

[hlela | Hlela umthombo]

Izimbangela yokuguquka kwesimo sezulu ukugawulwa kwezihlahla, ukudedelwa kwamagesi aye emkhathini abambe ukushisa okubandakanya amagesi noma izisi okuphuma emafemini, intuthu ephuma ezimotweni nasemabhanoyini emkhathini kanye nemdlela okulahlwa ngayo mfucuza phakathi kokunye. Konke lokhu okudala umonakalo walokho okuvikela umhlaba ekushiseni kwelanga.

Umthelela wokuququka kwesimo sezulu

[hlela | Hlela umthombo]

Umthelela wokuguquka kwesimo sezulu ubonakala ngokushisa okwedlulele okudala indlela izulu elenza ngayo ingejwayeleki, imililo yequbula, iziphepho, izikhukhula, ukusha kwamanzi emifuleni nokwehla kwamazinga emadanyini ukubala okumbalwa. Abalimi bayathinteka kakhulu njengoba ewumgogodla wokukhiqizwa kokudla emhlabeni jikelele. Kanjalo nemiphakathi yasemakhaya ebiphila ngokulima iyathinteka ngenxa yesomiso nemfuyo iyafa. Lokhu kunomthelela omubi kakhulu empilweni yabantu emhlabeni wonkana.

Ukuguquka kwesimo sezulu eNingizimu Afrika

[hlela | Hlela umthombo]

Izehlakalo zakamuva zesimo sezulu eNingizimu Afrika ziyakhombisa ukuthi ayisele ngaphandle kulokhu kuguquka kwesimo sezulu. Ngokwabaqaphi bokusingathwa kwezinhlekele eNyakatho Mpumalanga, ekuqaleni kwenyanga kaMandulo kube nezimvula ezinkulu ezidale izikhukhula kwalimala kabi impahla, kwaguguleka nemigwaqo nezindlela zokuwela izimoto. Ngokunjalo naseGauteng, eMpumalanga, eLimpopo, KwaZulu-Natali naseNyakatho Koloni naseFreyistata kube nezimvula ezinkulu ezidale umonakalo omkhulu lapho kudaleke khona umonakalo ezinlini zabantu nemigwaqo yagcwala amanzi okuphoqe ukuthi ivalwe.[1][2] Lokhu kuyinkomba yokuthi kufanele kuqhanyukwe nezixazululo zokunciphisa ukuguquka kwesimo sezulu.

Izixazululo ekuguqukeni kwesimo sezulu

[hlela | Hlela umthombo]

Kunemibono eminingi mayela nokuqhamuka nezixazululo zokuguquka kwesimo sezulu. Ezinye zezinto eziphakanyiswayo ukuthi kuqiniswe ukusebenza kwemithetho yokuguquka kwesimo sezulu, ukusetshenziswa kwamandla kagesi avuselelwayo, ukuyeka ukusebenzisa amalahle ukuphehla amandla kagesi phakathi kwezinye.[3] Ukuguquka kwesimo sezulu kuyinselelo enkulu enomthelela kubantu nasemvelweni. Ngakho-ke ukubhekana nayo ngqo kudinga ukuthi kube khona esikwenzayo ngokusebenzisa ukuvikela umhlaba wethu ukuqinisekisa ikusasa eliqhakazile lezizukulwane ezilandelayo.

Imithombo yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ "Disaster management monitors NW storm damage to fast-track relief | SAnews". www.sanews.gov.za (in i-English). 2026-09-09. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.
  2. ↑ Pilane, Reitumetse (2026-09-06). "Severe storms batter Gauteng, North West and Northern Cape — roads closed, homes damaged". Daily Maverick (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.
  3. ↑ "South Africa". climateactiontracker.org (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.