Ukuhlonipha amasiko ahlukene eNingizimu Afrika

INingizimu Afrika idume ngokuthi isizwe sothingo lwenkosazane ngoba sihlanganise izinkolo namasiko ahlukene. Sihlanganise amaPedi, Tswana, Ndebele, Xhosa, Zulu, Khoisan, Venda, Tsonga kanye nama-Afrikeners. Bonke labantu babiza iNingizimu Afrika ngekhaya ngakho-ke izimpilo zabo ziyanikela ekwenzeni ingxenye yamasiko, ubuqobo kanye nezinkolo zezwe. Ukuqonda ukuthi i-Ningizimu Afrika iqukethe lemithelela eyahlukene kusiza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bahloniphane futhi bakwazi ukuhlonipha amasiko abanye abantu.[1]
Ubuqobo bomuntu.
[hlela | Hlela umthombo]Ubuqobo[dead link] bomuntu benziwa ubunjani kanye nezici zakhe kuhlanganisa imvelaphi nezimpande zomndeni wakhe. indlela okukhulunywa ngayo, amagama akhethwayo kanye nendlela ophimisa ngayo kuveza kabanzi ngokuthi umuntu ungubani, uphumaphi kanti futhi ukholelwa yini. Ulimi lunomthelela kumasiko, izinkolo, ubuwena kanye nokuxhumana emphakathini. Ubuqobo bomuntu benziwa izici ezibangayo eziningi.[2]
Amaciko
[hlela | Hlela umthombo]
Imvelo yamasiko ezwe yingcebo yesizwe kanye nenhlalo okuhlalwa phakathi kwayo njengamanzi negolide. Izindawo ezikhethiwe nalapho izilwane noma izitshalo zisengozini yokuphela nya njenge St Lucia Wetlands noKhahlamba Drakensburg Parks eKwaZuluNatal zihloniphekile futhi zivikelwe kunanoma ibuphi ubungozi. Ifa lamasiko lichaza lezo zinto ezixhasa umuzwa wokuzazi wenani elithile labantu noma umphakathi wabantu. Kungaba into enodumo ekhethekile njengemidwebo, imihume, isakhiwo kanye nnanoma yini ebalulekile ngenxa yomlando, ubuciko noma ngokubaluleka kwesayensi yayo.[3]
Izindawo zobuciko
[hlela | Hlela umthombo]Izindawo zobuciko zibonise ubuciko bomuntu noma ukubaluleka kokushintshana kufanele kubonakale ekwakhiweni kwezakhiwo noma ekwakhiwe kwezakhiwo noma ezobuchwepheshe, ukuhlela idolobha kanye bendabuko kanye nokukhanywa kwendawo. Kufanele kubonise ubufakazi bempucuko noma bendabuko enyamalele kanye nesaphila. Indawo lapho abantu babehlala khona futhi basebenzise umhlaba ngendlela emele isiko labo.[4]
Izindawo zemvelo eNingizimu Afrika
[hlela | Hlela umthombo]Izindawo zemvelo zibambe iqhaza ekugcineni umlando wamasiko usaphila. Okungaba amathambo noma amatshe. Uma indawo iqukethe ukwakheka kwemvelo okungavamile okufana nokuma kwedwala okungavamile noma inezindawo zokuhlala nezinhlobo zezilwane nezitshalo ezingaba khona lapho kuphela kubalulekile ukuyivikela. Lokhu kwenza kube indawo yamagugu omhlaba. Njengasezindaweni zamasiko ukulondolozwa kubalulekile. INingizimu Afrika iqukethe zamagugu omhlaba ezimbalwa okuyi-ISimangaliso Greater St Lucia Wetland Park, Ukhahlamba Drakensburg Park, Robben Island, Fossil Hominid Sites of Sterkfointein, Swartkrans, Kroomdraai ne Environs, iMapungubwe[dead link] Cultural Landscape, Vredeford Dome kanye ne Cape Floral region.[5]
Izinkomba
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ https://www.britannica.com/place/South-Africa/Languages
- ↑ https://medium.com/@clacviii2023.1/the-relationship-between-language-and-identity-7e0d23d67da1
- ↑ https://altalang.com/beyond-words/what-is-heritage-language/
- ↑ https://uis.unesco.org/en/glossary-term/cultural-heritage
- ↑ https://issuu.com/topcomedia/docs/public_sector_leaders_september/s/13392913