Ukuhlukunyezwa emsebenzini
Ukuhlukunyezwa emsebenzini kuyindlela ephikelelayo yokuphathwa kabi kwabanye emsebenzini okubangela ukulimala okungokomzimba nokungokomzwelo. Kuhlanganisa ukuhlukunyezwa ngamazwi, okungaqondile, okungokwengqondo, nokungokomzimba, kanye nokululazwa. Lolu hlobo lobudlova endaweni yomsebenzi lunzima kakhulu ngoba ngokungafani nabaxhaphazi abangabafundi besikole abavamile, abaxhaphaza endaweni yomsebenzi bavame ukusebenza ngaphakathi kwemithetho nezinqubomgomo ezimiswe zezinhlangano zabo nemithetho yenkampani noma yendawo yokusebenza. Ezimweni eziningi, ukuhlukunyezwa endaweni yomsebenzi kwenziwa umuntu osesikhundleni segunya phezu kwesisulu. Kodwa-ke, abaxhaphazi bangaba ontanga noma abangaphansi kwabo.[1] Ukuhlanganyela kwabangaphansi ekuhlukunyezweni okubhekiswe kwabasezikhundleni kuyenzeka. Uhlobo olungabonakali kakhulu lokuhlukumeza emsebenzini luhlanganisa ukuhlukumeza okuqhubekayo lapho amaqhinga okuhlukumeza esetshenziswa khona futhi asetshenziswe kumuntu ophakeme, lokhu kuba ngamacebo anemiphumela yokuthi esule esikhundleni lo ophezulu ohlukumezekayo.
Abacwaningi baphinde baphenya ngomthelela wobuxhwanguxhwangu esimeni sokusebenza kwenhlangano noma inkampani, kanye nendima engadlalwa ubuqembuqembu kanye neziphathimandla esingenza kuqhubeke ubuxhwanguxhwangu endaweni yomsebenzi. [2] Ubuxhwanguxhwangu bungase bucashe noma bube obala okwezinqe zesele, futhi ngezinye izikhathi bungabonwa abaphathi kuyilapho baziwa kabanzi kuyo yonke inkampani. Imiphumela emibi yobuxhwanguxhwangu emsebenzini ayigcini kubantu okuqondiswe kubo kuphela, futhi ingaholela ekwehleni kogqozi lokusebenza kubasebenzi kanye nokushintsha kwesiko lenhlangano . Ubuxhwanguxhwangu emsebenzini bungase futhi bubonakale njengokugada ngokweqile, ukugxeka njalo nokuvimbela ukukhushulelwa ezikhundleni kwezisulu zobubhoklolo.