Ukuhlukunyezwa kwabesifazane eNingizimu Afrika
Abesifazane base Ningizimu Afrika babhekene nobubha olukhulu lapho amanani okuhlukumezeka ngokwemizwa namagama angu- 50%, abahlukumezeka ngokomzimba kubalela kumanani angu- 62.3% lapho kubalwa ukubulawa kanye nokushaywa. Baningi abesifazane abahlukumezekayo bese bengabiki amacala okuhlukumezeka kwimgalo yomthetho ngenxa yokwesaba abahlukumezi babo.[1]

Abesifazane bahlukunyezwa abathandiweyo babo yingakho abanye babo behluleka ukubika lamacala noma ukuphuma kulobu budlelwano. Imbangela yokuhlukumezeka kwabesifazane ukungalingani kwezomnotho, ukuntuleka, ukukhungathenga kobudoda, utshwala nezibhamu. Emphakathini wezakhamuzi zakuleli amadoda avame ngokuthi anamandla ngokunangenambandela ngakho-ke umenzi wobudlova uzibona enamandla emndenini bese edala udlame ikakhulukazi uma edle amanzi ampomjwana. Isiyalo sobulili sibuye sibe imbangela yodlame lapho abesifazane bedlwengulwa amaqoqo amadoda.[2]