Jump to content

Ukukhabangula

Mayelana Wikipedia

Ukukhabangula ( umkhabangulo noma inkabangulo) yikhono elivame ukulinganiswa lokugwema ukwenza amaphutha noma ukusaphaza izinto, isidlakalasi, imizamo, imali, nesikhathi lapho kuqhogoywa umsebenzi. Ngomqondo ojwayelekile, yikhono lokwenza izinto kahle, ngempumelelo, futhi ngaphandle kokumosha noma ukusaphaza.

Ngokwamagama omchazazibalo noma inzululwazi, ukukhabangula kusho izinga lokuqhogoya elisebenzisa inani elincane lezifako ukuze kufezwe inani eliphakeme leziphumo.