Jump to content

Ukulandwa kokwaziswa

Kubuya ku Wikipedia

Ukulandwa kokwaziswa ( IR ) kwezokucikiza kanye nenzululwazi yokwaziswa umsebenzi wokuhlonza nokulanda izinsizakusebenza zohlelo lokwaziswa ezifanele isidingo sokwaziswa. Isidingo sokwaziswa singachazwa ngesimo sombuzo wokucinga. Endabeni yokulanda imibhalo, imibuzo ingasekelwa eziqakaqni ezigcwele noma okunye ukukhombanisa okusekelwe esiqikilini. Ukulanda ukwaziswa kuyinzululwazi [1] yokucinga ukwaziswa embhalweni, ukucinga imibhalo ngokwayo, kanye nokucinga incazamininingo echaza imininingo, kanye nezizindamininingo zeziqakaqo, izithombe, noma imisindo. Ukulanda okuhambisanayo kusho ukulanda noma ukubuyisa kuzo zonke izindlela.

Izinhlelo zokubuyisa ulwazi ezihlelelekiwe zisetshenziselwa ukunciphisa lokho okubizwa ngokuthi ingidlabezo yokwaziswa. Uhlelo lokulanda ukwazswa (IR) liyihlelokusebenza lesicikizi oluhlinzeka ngofikelelo ezincwadini, imihela, neminye imibhalo, kanye nokuqoqonga nokuphatha leyo mibhalo. Izihlwayi zokucinga zolwebu zigamahlelokusebenza okulanda ukwaziswa ezibonakala kakhulu.

  1. Luk, R. W. P. (2022). "Why is information retrieval a scientific discipline?". Foundations of Science. 27 (2): 427–453. doi:10.1007/s10699-020-09685-x.