Ukunyonta

Ukunyonta kuyisifanelo esibonwayo noma iqembu lezinkanyezi esibhakabhakeni. Ukunyonta kungaba yinoma yiziphi isifanelo sezinkanyezi esihlonziwe, ngakho-ke kuwumqondomsuka ovamile ukwedlula isishomo ezingama-88 ezichasiswe jgokusemthetyweni. Isishomo zisekelwe kukho ukunyonta, kodwa azifani nokunyonta. Izishomo ziyizifunda ezichasisiwe ezinemingcele esemthethweni ehlanganisa sonke isibhakabhaka.
Ukunyonta kungasukela ekumeni okulula kwezinkanyezi ezimbalwa kuya ekuqoqekeni okuyinkimbinkimbi kwezinkanyezi eziningi ezivala izingxenye ezinkulu zesibhakabhaka. Izinkanyezi ngokwazo zingaba yizinto ezikhanyayo ezibonwa ngeso lenyama noma ezifiphele, ngisho nangesihlongakude, kodwa ngokuvamile zonke zinokukhanya okufanayo. Ukunyonta okukhanya kakhulu kuyasiza kubantu abazijwayeza isibhakabhaka sasebusuku.