Ukuphathwa kokwaziswa
Ukuphathwa kokwaziswa kuwukuqoshwa, ukuqoqongwa, ukuhoshwa, nokusetshenziswa kokwaziswa okufanele nokuyingqanda. Kungaba ukuphathwa kokwaziswa komuntu siqu noma inhlangano. Ukuphathwa kokwaziswa kwezinhlangano kuthinta umjikelezo wobuqhebeqhebe benhlangano: ukuzuzwa kokwaziswa emthonjeni owodwa noma eminingi, ukugcinwa nokusatshalaliswa kokwaziswa kulabo abakudingayo, kanye nokulahlwa kwalo ngokuluqogelela noma ukusula nokulumonyula.
Lo mjikelezo wenhlelemba ukwaziswa ubandakanya ababambiqhaza abahlukahlukene, okuhlanganisa nalabo abanomthwalo wemfanelo wokuqinisekisa izingabunjalo, ukufinyeleleka kanye nokusetshenziswa kokwaziswa okuzuziwe; labo abanesibopho sokuqoqonga nokulahlwa kwako ngokuphephile; nalabo abakudingayo ukuze benze izinqumo . Ababambiqhaza bangase babe namalungelo wokukhanda, ukuguqula, ukusabalalisa noma ukususa ukwaziswa ngokuvumelana nezinqubomgomo zokuphathwa kokwaziswa kwenhlangano .
Ukuphathwa kokwaziswa kuhlanganisa zonke izicabango ezijwayelekile zokuphatha, ezihlanganisa ukuhlela, ukuhlelemba, ukwenza uhlaka, ukudludlunga, ukulawula, ukucubungula kanye nokubika ngobuqhebeqhebe bokwaziswa, konke okudingekayo ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zalabo abaneqhaza noma imisebenzi yenhlangano encike olwazini.. Lezi zicabango ezivamile zivumela ukwaziswa ukuba kwethulwe phambi kwezethameli noma iqembu elilungile labantu. Ngemva kokuba abantu sebekwazi ukusebenzisa lokho kwaziswa, kuzuza isizima esikhulu.
Ukuphathwa kokwaziswa kuhlobene eduze, futhi kugqagqana nokuphathwa kweminingo, izinhlelo, ubuchwepheshe, imidludlungu futhi – lapho ukutholakala kokwaziswa kubaluleke kakhulu empumelelweni yenhlangano - iqhingasu . Lo mbono obanzi womihakha wokuphsthwa kokwaziswa uyaphikisana nombono wangaphambili, wokuthi umjikelezo wokuphatha kokwaziswa wudaba lezomgidingo oludinga izinqubo ezithile, amakhono enhlangano kanye nezindinganiso eziphathelene nokwaziswa sengathi kungumkhiqizo noma inkonzo.
