Jump to content

Ukuphathwa kolwazi

Mayelana Wikipedia

LIS_SidebarPicture

Ukuphathwa kolwazi iqoqo lezinqubo zokukhiqiza, ukusabalalisa, ukusebenzisa, nokwengamela ulwazi nemininingo yenhlangano. Kubhekisela kwiqhingasu oluxubuqeqesho elikhulisa ukusetshenziswa kolwazi ukuze kufezwe izinjongo zenhlangano. Izifundo zokulawula umhwebo, izimiso zokwaziswa, ukuphatha, imitapolwazi, nenzululwazi yokwaziswa konke kuyingxenye yokuphathwa kolwazi, okuwumkhakha olokhu ukhona kusukela ngo-1991. Ukwaziswa nezinsizakusakaza, Inzululwazi yesiCikizi, impilonhle yomphakathi, kanye nenqubomgomo yomphakathi ngezinye zezifundo ezingaba nomthelela ocwaningweni lokuphathwa kolwazi. Izikhungo zakwangqondonkulu eziningi zihlinzeka ngeziqu zobuhuqazi ezigxile ngqo ekuphathweni kolwazi.Njengesigcoyi sezobuchwepheshe nokwaziswa kwabo, ukuphathwa kwezabasebenzi, noma iminyango yamaqhingasu omhwebo, imishumanqa eminingi emkhulu, izikhungo zikahulumeni, nezinhlangano ezingenzi inzuzo zinezinsiza ezakhelwe izinhlelo zokuphatha ulwazi lwangaphakathi. Lezi zinhlangano zithola isiqondiso sokuphathwa kolwazi kwimishumanqa eminingi ehlahlayo.