Jump to content

Ukusetshenziswa kolimi lwebele ezikoleni

Mayelana Wikipedia

Kubalulekile ukuthi izingane sifundiswe ngilimi lwazo lwebele, lokhu kusiza ukuthi izingane zikwazi ukuzethemba uma kuza ezifundweni zabo.Ezikoleni eziningi izingane zifundiswa ngesilungu kuzo zonke izifundo lokhu kubangela ukungazethembi nokungaqondisisi kahle okubuzwayo ngolimi lwesingisisi, okwenza ukuthi izingane zingabi nomphumela omuhle okupheleni konyaka.Esikhathini esiningi othisha uma befundisa bayazama ukuthi basebenzise ulimi lwebele kanye nolimi olusetshenziswayo ukufundisa okwenza kubelula ukuthi abafundi baqondisise kahle imibuzo ebuzwayo ngaleso sikhathi. owayenguNgqogqogqoshe wezemfundo wamemezela ngonyaka odlule ukuthi izingane sezizoqala ukufunda ngolimi lwazo kuzo zonke izimfundo kusukela ebange lesine.

Ukuqeqeshwa kothisha ekufundiseni izifundo ngolimi lwebele

[hlela | Hlela umthombo]

Kufanelekile ukuthi othisha baqeqeshwe njengoba sekuzofundiswa ngolimi lwebele. Amabhodi afana no PanSALB kanye nomnyango wezemfundo kufanele bagqugquzele ukuthi kuqaliswe lokhu ngokushesha ukuze kufezwe amalungelo abafundi.Izifundo ezifana nezibalo kanye nesayensi nazo zizofundiswa ngolimi lwebele, yizona kakhulu okunzima ukuthi abafundi baqondisise ulimi lwesayensi lokhu kuzosiza ukuthi bakwazi ukuqondisisa uma kusetshenziswa ulimo lwebele.[1]ugcizelele ukuthi ilimi olusetshenziswa ngesikhathi sokunda nokufundisa kuba wilimi olukhombisa ukuthi ngubani oqophelele amandla ombuso noma ubani ocindezelelekile kunomunye. Lokhu kufanele kubuyekezwe ukuthi wonke umuntu unelungelo lokusebenzisa ulumi lwakhe lwebele noma kuphi no inini ngaphandle kwemigomo.

[2] uveza izingqinamba amazwe aseNingizimu Afrika abhekene nazo uma kubuyekezwa uhlelo lolimi. Bathi uma wazisa ulimi lwakho futhi lukhule lusetshenziswe izizukulwane nezizukulwane kufanele ulwele ukuthi lusetshenziswe.[3]uthi yena ingane ifunda kalula futhi kangcono uma inikwa ithuba lokunda ngolimi lwakhe lwebele esikoleni, ikakhulukazi uma iqaliswa emabangeni aphansi, lokhu kugqugquzela kokusetsghenziswa kolimi kunomthelela kwezimbusazwe.

Ukubuyekezwa kwenqubomgomo yezolimi

[hlela | Hlela umthombo]

[4] ugcizelela ngokuthi inqubomgomo iyina engumgogodla wazo zonke izinto ezithinta ukusetshenziswa kolimi. Lokhu kusho ukuthi kusemqoka ukuthi ibuyekezwe ngaso sonke isikhathi ukuze kuzocaca ukuthi iyahambisana yini nokushiwoyo ngokusetshenziswa kolimi.Ezikoleni kufanele kuhlale kubuyekezwa inqobomgomo ukuze kwazeke ukuthi ilungele wonke umfundi okhona.

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Prah, K. 2005. Language of instruction for education, development and African emancipation. In Brock-Utne, B. & Hopson, K.R. (Eds.). Languages of instruction for African emancipation: Focus on postcolonial contexts and considerations. Cape Town: CASAS.
  2. Ndimande-Hlongwa, N.P. 2009. Ukuhlelwa Kolimi. Pietermaritzburg: Shuter & Shooter.
  3. Alexander, N. 1989. Language policy and national unity in South Africa/Azania. Cape Town: Buchu Books.
  4. Ngcobo, M. 2007. Language planning, policy and implementation in South Africa: An Ambilingual Interdisciplinary Journal 2 (1&2): 156–169.