Ukusophela
Ukusophela noma umsophelo, kuwukulungela ukuhambisana nomthetho, ofana nesiyalezo, inqubomgomo, indinganiso noma umthetho. Ukusophela ngokwesiko kuye kwachazwa ngokuphathelela umchachiso wokuvimbela, othi ukujezisa ukuziphatha okubi kuzonciphisa ukuphulwa komthetho kokubili komenzi wobubi (ukuvimbela okukhethekile) kanye nabanye (ukuvimbela jikelele). Lo mbono usekelwe umchachiso wezomnotho, osebenzisa isijeziso sezindleko futhi ochaza umsophelo ngokwesilinganiso sezindlekomvuzo (Becker 1968). Kodwa-ke, ucwaningo lwezomqondo mayelana nogqozi lunikeza omunye umbono: othi ukuphana ngemiklomelo (Deci, Koestner noRyan, 1999) noma ukugixabeza ngezinhlawulo (Gneezy Rustichini 2000) ngenxa yokuziphatha okuthile kuwuhlobo lwesisusa sangaphandle esenza buthaka ugqozi lwangaphakathi futhi ekugcineni lubukele phansi umsophelo.
Ukusophela imithetho kuchaza impokophelo abantu nezinhlangano ezifisa ukuyifeza emizamweni yazo yokuqinisekisa ukuthi ziyazi futhi zithatha izinyathelo zokusophela imithetho, izinqubomgomo, nezimiso ezifanele . Ngenxa yokwanda kwenani lemithetho kanye nesidingo sokusebenza obala, izinhlangano ziya ngokuya zamukela ukusetshenziswa kwamaqoqo alawula umsophelo ahlanganisiwe navumelanisiwe. [1] Le ndlela isetshenziselwa ukuqinisekisa ukuthi zonke izidingo zezokubusa eziyindingeko kuhlangatshezwana nazo ngaphandle kokunyaliza imizamo nobuqhebqhebe bezinsiza ngokungenasidingo.
Izinhlangano ezilawulayo nezigunyaza ziyahlukahluka ngokwemikhakha ehlukene, ngokwesibonelo, kukhona Umlawuli Wokuphatha Emkhakheni Wezimali (FSCA), IBhangengodla laseNingizimu Afrika (SARB), Umlawuli kaZwelonke wezikweletu (NCR), IKhomishana Yezinkampani Nobuciko bomqondo (CIPC), kanye noMthetho Wesikhungo Sezobunhloli Kwezezimali (FICA)
Ezinye izinhlangano zigcina imininingo yomsophelo—yonke imininingo ephathelene nomhwebo noma edingekayo ngokomthetho, engasetshenziselwa injongo yokusebenzisa noma yokuqinisekisa umsophelo—igcinwa esiqoqongeleni esihlukile ukuze kube lula ukubika. Ihlelokusebenza lomsophelo yinto esetshenziswayo ukuze isize izinkampani zilawule imininingo yazo yomsophelo ngokuphumelelayo. Lesi siqoqongelo singabandakanya iziqaqululo, ukufufukisa imininingo, nemikhondo yokucubungula amabhuku . [2]
- ↑ Handbook of Research on Service-Oriented Systems and Non-Functional Properties, p. 524–548, http://disi.unitn.it/~birukou/publications/papers/2011NPFSLA.pdf
- ↑ . p. 57–82. Missing or empty
|title=(help)