Ukuvitha
Ukuvitha yisenzo sokuzijwayeza umkhuba ngokuphindaphindiwe, ngendlela ezokusiza ukuwufunda futhi ekugcineni uhuqaze ikhono. Izifundo ezihlelelwe injongo yokuzijwayeza nokuthuthukisa ukuqhogoya zibizwa ngokuvitha. Ukuvitha yisenzo esenziwa amaqembu ezemidlalo, amaqembu omculo, amabutho nabantu ngabanye, njll. NgesiZulu, ukuvitha kuyafana nokuqeqesha noma ukucija. Ngokuvamile lamagama asetshenziswa ngokushintshana.
uMsukagama
[hlela | Hlela umthombo]Elithi ukuvitha lihlobene nalamagama: ukuhlelemba, ukuqeqesha wonke asho indlela yokuzijwayeza ukwenza okuthile ngokuphindaphindiwe kuze kube yilapho ukubamba, uba nekhono lakho.
Izinhlobo zokuvitha
[hlela | Hlela umthombo]
- Ukufunda indlela yokudlala izinsinbi zomculo.[1]
- Ukuphefukisa ukudlala kweqembu noma kwezokusubatha[2]
- Ukuzilungiselela ukuqhogoya shashalaza okwenziwa kwezobuciko
- Ukuphefukisa ubuqhebeqhebe bokufunda, ukubhala, Ukuxhumana nabanye, ukuqakaqa, ubhalomagama nokuningamazwi
- Ukuphefukisa noma ukucolanisa ikhono elisha[3]
- Ukunakekela ikhono[4]
- Ukufunda umkhalambazo martial arts; ngokuqhathwa nabanye
- Ukuhuqaza imisebenzi eyamaniswa nomshikashika
Indlela umuntu aphefuka ngayo ngokuvitha incike ezicini ezimbalwa, ezifana nokuthi umjinge wokuyenza, kanye nohlobo lokubikamphinda alutholayo lokumphefukisa. Uma isibikamphinda singafanele (esibiye kumqeqeshi noma azenzele sona), khona ke ukuvitha kwakhe ngeke kusebenze noma kumfundise.[5] Uma umfundi engavithi ngokwanele, imifakela izobuna, futhi uzokhihlwa akufundile. Ngalokho ukuvitha yinto ehlelwayo, ukuqinisekisa ukuthi kuvithwa ngokwanele ukuze kufinyelelwe izimpokophelo. Ukuthi kudingeka ukuvitha okukangakanani kuncike ebuqhebeqhebeni ibenziwayo nakumuntu ngamunye. Abanye bayashesha ukuphefuka kunabanye. Ukuvitha esimeni lapho kukhona oqeqeshayo kunemithelela uma kuzophindwaphindwa kaningi.
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Ericsson, K. Anders; Krampe, Ralf T.; Tesch-Römer, Clemens (1993). "The role of deliberate practice in the acquisition of expert performance.". Psychological Review 100 (3): 363–406. doi:10.1037/0033-295x.100.3.363. ISSN 0033-295X. https://doi.org/10.1037//0033-295x.100.3.363.
- ↑ Ericsson, K. Anders; Charness, Neil; Feltovich, Paul J.; Hoffman, Robert R., eds. (2006-06-26). The Cambridge Handbook of Expertise and Expert Performance (1 ed.). Cambridge University Press. doi:10.1017/cbo9780511816796. ISBN 978-0-521-84097-2.
- ↑ Ericsson, K. A.; Lehmann, A. C. (1996). "EXPERT AND EXCEPTIONAL PERFORMANCE: Evidence of Maximal Adaptation to Task Constraints" (in en). Annual Review of Psychology 47 (1): 273–305. doi:10.1146/annurev.psych.47.1.273. ISSN 0066-4308. PMID 15012483. https://www.annualreviews.org/content/journals/10.1146/annurev.psych.47.1.273.
- ↑ Anders Ericsson, K. (2008). "Deliberate Practice and Acquisition of Expert Performance: A General Overview" (in en). Academic Emergency Medicine 15 (11): 988–994. doi:10.1111/j.1553-2712.2008.00227.x. ISSN 1069-6563. PMID 18778378. https://onlinelibrary.wiley.com/doi/10.1111/j.1553-2712.2008.00227.x.
- ↑ Rousmaniere, Tony (2024-07-26). Deliberate Practice for Psychotherapists: A Guide to Improving Clinical Effectiveness (in i-English) (2 ed.). New York: Routledge. doi:10.4324/9781003400622. ISBN 978-1-003-40062-2.