Ukuyeka Kwabafundi Abenza Unyaka Wokuqala eNyuvesi eNingizimu Afrika

Abafundi abenza unyaka wokuqala emanyuvesi eNingizimu Afrika, babhekana nezinqinamba ezahlukahlukene. Okuye kudale sebegcina beyeka isikole phakathi nonyaka. Yize amanyuvesi ezama ukubalekelela ezinkingeni abaye behlangabezane nazo, akusi wona wonke umuntu ogcina esizakele.[1] Iningi labafundi liyeka nge semester lesibili, lokhu kudalwa ukungazithembi kwabo emuva kokuphuma kwemiphumela yabo uma bengenzanga kahle. Amanyuvesi ayaye anikeze abafundi ithuba lokubhala kwesibili uma bengenzanga kahle ekuqaleni phecelezi second oppoturnity exams.

Izizathu ezidala abafundi bayeke esikolweni:
[hlela | Hlela umthombo]- Ukungajabuli kwabafundi ngenyuvesi
- Ukukhetha ukufundela isifundo abangasithandi
- Izinkinga zemali
- Ukungenzi kahle ezifundweni zabo
Ukungajabuli kwabafundi ngenyuvesi kungadalwa ulwazi abafundi abaluthola ngenkathi befika enyuvesi. Esikhathini esiningi ulwazi oluningi abafundi baluthola ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kuyaye kube nomthelela esinqumeni abasithathayo uma bekhetha inyuvesi abaya kuyona. Abantu abahlukahlukeni emhlabeni jikelele banezinkolelo ezithile abakholelwa kuzona. Kwesinye isikhathi ufika endaweni entsha enenkolelo ehlukile kuneyakho ongahambiselani nayo kuyadala ukuthi ungabi nenjabulo.
ukukhetha ukufundela isifundo abangasithandi kudalwa ukuzama ukugwema ukuhlala ekhaya uma abafundi sebephothule umatekuletsheni. Abafundi abaningi bayaye bazithole sebefundela into abangayithandi, okuye kudale sebegcina beyeka phakathi nonyaka. Ukufundela into ongayithandi akulethi injabulo emtwini. Ngoba inhloso kuba ukufunda ngoba uqhuba isikhathi. Abanye bayakwenza ngoba kunenkolelo yokuthi uma usungaphakathi enyuvesi lokhu kukhuphuma amathuba yokuthathwa esifundweni othanda ukusifundeela.
Abafundi baphuma emakhaya angafani. Iningi labafundi luthola uxhaso ngokukhokhela izifundo zabo ngu-NSFAS. Loluxhaso lunezidingo ezithile okudingeka abafundi bazihlangabeze uma befunda.[2] Ukuhluleka ukuhlangabezana nalezi zidingo kubafundi kuyaye kudale ukuthi abafundi balahlekelwe yiloluxhaso. Ukulahlekelwa wuxhaso kuyaphoqa abafundi ukuthi bagcine sebeyeka phakathi nonyaka.
Ukungenzi kahle ezifundweni kwabafundi kudalwa ukungabi nothando esifundweni abasenzayo. Lokhu kuyaye kugcine kwenze umuntu angasabi nokuzithemba. Abanye bayaye basabe ukuphindela emuva beyobhala kabusha izivivinyo zabo. Ukungaphindeli uyobhala kuba nomthelela omubi ngoba ugcine usufeyila
References
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ https://doi.org/10.1080/21528586.2020.1806919
- ↑ https://www.skillsportal.co.za/nsfas/nsfas-pass-requirements-2025-revealed