UMkhosi woSelwa

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Ukweshwama)

UMkhosi woSelwa noma uMkhosi wokweShwama owawugujwa ekuqaleni noma ekugcineni kwenkwindla. Lona ngumkhosi womthandazo wesizwe samaZulu lapho kusuke kubongwa khona konke okuhle okwenzeke onyakeni okubalwa kukho imvula, ukudla ikuningi, nokunye okuningi okuhle. Kulo mkhosi inkosi iyona eqala ngqa ukudla okusha ukusanda kuvunwa emasimini. Ngalenkathi abantu abavumelekile ukuthi bakudle ukudla okusha inkosi ingakakudli. Owayengeqa lomthetho wayengabulawa nokubulawa ngoba wabe etshengisa ukungahloniphi ubukhosi kanye nabaphansi [1]. Lomkhosi usuke wenzelwa kakhulu abesilisa abasebancane, ikakhulukazi abangakasokwa. Lona ngumkhosi osuka emandulo, futhi awugujwa amazulu kuphela kepha ugujwa izizwe esiningana ezise-Afrika eseNingizimu. Lona ngomunye wemikhosi eyavuselelwa iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ngonyaka we-1990. ugujwa esigodlweni seNgonyama yamaZulu Enyokeni kwaNongoma ngayo yonke iminyaka ngenyaka kaZibandlela [2].

Isendlalelo[hlela | Hlela umthombo]

Inkosi inyathela uselwa oluphekwa ngemithi enamandla. Inkosi ihlala igonqile. Kulendlu akungeni muntu ngaphandle kukanina nesalukazi esingasagezi. Inkosi iyawuzila umdlukulu wayo. Ngenkathi igonqile ihlala nsensila yayo kanye nenyanaga eyiqinisa ngamakhubalo anohlonzo., Amabutho akha amadlangala azungenze umuzi wenkosi. Ngale nkathi amabutho ahuba amahubo empi. Ekuseni nantamabama,e inkosi ikhwifa ilanga [3][1].

Ukugujwa kwalomkhosi[hlela | Hlela umthombo]

Ngosuku lokungena komkhosi, kusondezwa umhlambi omnyama bese kulethwa inkunzi emnyama. Le nkunzi ayihlatshwa ngomkhonto noma ngesinye isikhali kepha amabutho asebenzisa izandla zawo ukuyibulala. Amabutho angena nayo esibayeni bese ayayizungeza eyisonta, ayiqhumise ithambo lesijungujungu. Iyabengwa. Umbengo unikwa inkosi ucwiliswe emithini enamandla. Inkosi imfimfithe iqatha ililahle. Imibengo iphonswa phezulu amabutho ayinqake, amfimfithe. Owele phansi awudliwa. Imbongi iqephuza inkosi bese imemezela ukuthi owezulu usedlile, ngakho izwe lingeshwama. Impendulo kuba ukuduma kuka "Bayede uyizulu." Kuyagidwa kwenanywe kuhlatshwe ezekhethelo izinkomo, kufinywe ngendololwane. Abantu sebegadla ukudla okusha, bashaye udolo qina, dolo qina [1].

Lona ngumkhosi osuka emandulo, futhi awugujwa amazulu kuphela kepha ugujwa izizwe esiningana ezise-Afrika eseNingizimu. Esizweni sakwaZulu lomkhosi waqalwa nguShaka kaSenzangakhona Ebukhosini bamaSwazi umkhosi ofanba nawo lona ubizwa ngokuthi Incwala[2]..

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. 1.0 1.1 1.2 Amangwevu esiZulu Ibanga lesi-9. Shuter & Shooter. 2001. ISBN 0-7960-1645-3. Text " last" ignored (help); Text " et al " ignored (help); Unknown parameter |Last= ignored (|last= suggested) (help); |first1= missing |last1= in Authors list (help)
  2. 2.0 2.1 Shange Z (10 Mfumfu 2016). "Amabutho". Archived from the original on 2018-12-25. Kulandwe ngomhlaka 2018-12-21. Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help); Check date values in: |date= (help)
  3. Amangwevu esiZulu Ibanga lesi-8. Shuter & Shooter. 2000. ISBN 0-7960-1480-9. Text " last" ignored (help); Text " et al " ignored (help); Unknown parameter |Last= ignored (|last= suggested) (help); |first1= missing |last1= in Authors list (help)