Jump to content

Ulwebhu

Kubuya ku Wikipedia
isithombe solwembu

Ulwebhu lufana nenethi yemvelo, Izicabucabu ziyaziphotha ukuze zibambe izinambuzane,zisebenzisa imicu kasilika.Idizayini yolwembu isiza izicabucabu ukuba ziphile.[1]

Ulwembu luyizakhiwo ezikhethekile,eziphothelwe ngosilika ezihlukaniswa ngokuma nokusebenza, okuhlanganisa i-orb, ishidi,ifaneli,kanye nemiklamoephithene.Ama-orb webs angamaphethini ajwayelekile okuthandela, amatangle webs angcolile,anamathele,futhi avame ukutholakala emakhoneni.Usilika wesicabucabu wakhiwe ngamaprotheni amkhulu abizwa ngokuthi "ama-spidroins", Lawa maprotheni akhiwe ngamabhulokhi okwakha ama-amino acid alula, ikakhulukazi i-glycine ne-alanine.[2]

Imfihlo yamandla wolwembu avela ezifundeni ze-alainie.lezi zindawo zakha izakhiwo eziqinile,ezifana nekristalu lapho amabhondi e-hydrogen axhumanisa izintambo zamaprotheni ndawonye, okwenza nto ethi "phawundi" inamandla ukudlula izinhlobo ezahlukahlukene zey'nsimbi, Ikhona ukunwebeka ngaphandle kokuphuka.[3]

Kunezinhlobo eziningana ezihlukene zolwembu, ngayinye enezici nezinjongo ezehlukile.Kukhona i I-Orb webs, lwembhu yakudala eyindilinga ecatshangwa abantu abaningi. ukubukeka kwaso kume okwesondo ngezipikili ezikhazimulayo neziyingi ezigxilile, inhloso yayo idizayinelwe ukuthwebula izinambuzane ezindizayo.Kukhona I- Tangle webs ulwembhu olungajwayelekile, olungcolile olutholakala emakhoneni. Ukubukeka akuhlelekile elinezi nhlangothi ezintathu, injongo ukuhambela izinzmbuzane ezinwabuzelayo, futhi isebenza njengendawo yokubalekela isicabucabu.[4]

Umthombo wolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "Spider-Web - an overview | ScienceDirect Topics". www.sciencedirect.com. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
  2. "Spider webs". The Australian Museum (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
  3. "Spiderwebs and spider silk, explained". Animals (in i-English). 2019-09-12. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
  4. "Types of Spiderwebs | Interactive, Spiders, Silk, Orb, Sheet, Tangle, & Funnel | Britannica". Encyclopedia Britannica (in i-English). Archived from the original on 2025-12-10. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.