UmNaziri
Ngokwebhayibheli lesiHebheru, umNaziri noma umNazaretha (ngesiHebheru Nāzīr)[1] umuntu wakwa-Isirayeli[2] ofunge ngokuzithadela njengoba kuchaziswa kuNumeri 6:1–21. Lesi fungo sibekela umnaziri izimfuneko ezilandelayo:
- Ukuzila iwayini nophuzo olunamandla nayo yonke imikhiqizo yomhleke, efana noviniga.
- Angazithinti izinwele ezisekhanda noma azincwele.
- Angazingcolisi ngokuthinta isidumbu sofileyo noma amaliba, ngisho namalunga omndeni.
Ngemuva kokulandela lezi zimfuneko isikhathi esibekiwe (esidalulwa ngofungayo lapho efunga), lapho siphela leso sikhathi, umNaziri uzoya ethempelini ayokwenza umnikelo wesilwane, futhi kuzofanele aphuce futhi azishise izinwele zakhe.
KuNumeri 6:5, 6:8, umNaziri uchaziswa "ngongcwele" "ongcwele kuThixo"; kodwa kusafanele alethe umnikelo wesono. Lokhu kuziphikisa kuholele abanye bayichaze ngokuhlukile indaba yabanaziri, futhi izazi ziyaphikisana njengoba kukhona ezithi umnaziri ungcwele kuyilapho ezinye zithi ungumoni.
uMsukagama
[hlela | Hlela umthombo]Elithi "umNaziri" livela kwelsiHebheru elithi nazir elisho ukuthi "ongcwelisiwe"[3] noma "owahlukanisiwe",[4] futhi kungezneka livela emsukeni osho "isifungo", ofana nowegama lesihebheru elithi neder (נדר). Elithi nazir kwesinye isikhathi lalisho inkosana, enesikhundla esibalulekile embusweni wezwe (njengoba livela eGenesis 49:26; nakuSililo 4:7, futhi elihloene nalo elithi nezer libhekisela esimeni sokuba umNaziri noma sobukhosana.[5] NgokwesiHebheru sanamuhla, elithi nazir lisetshenziswa ukubhekisela kumuntu oyindela noma indelakazi.
IBhayibheli lesiHebheru
[hlela | Hlela umthombo]IMithetho
[hlela | Hlela umthombo]Ngaphandle kwemithetho eyisisekelo eyayilandelwa amanaziri lapho engaphansi kwesifungo, uNumeri wesi-6 uchazisa ngokuningiliziwe ngemihlatshelo okwakufanele inikelwe ekupheleni kwenkathi yesifungo.
Umnaziri kwakufanele enze imihlatshelo emithathu: umhlatshelo wokushsiswa wemvu yeduna, nemvukazi noma imvu yensikazi kube umnikelo wesono, nenqama kube umnikelo wokuthula; kanye neminikelo emithathu eyengeziwe ('iqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho [6:15]. Kwakufanele aphuce ikhanda lakhe ngaphandle kwegceeke lethempeli eliseJerusalema, futhi afake izinwele zakhe emliliweni owodwa okwenziwe kuwo iminikelo yokuthula.</ref> Umbhalo awucacile ukuthi lisho umnikelo ose altar noma umlilo obasiwe wokupheka.
Uma umnaziri bekwenzekile wathinta isidumbu ngephutha wayeba ngongcolile, kwakumele nze umnikelo ohlukile, bese eqala kabusha inkathi yobunaziri.
Umnazaretha
[hlela | Hlela umthombo]UmNazaretha (ubuningi: AmaNazaretha) umuntu osuke ethathe isifungo sokuzahlukanisela uJehova(uNkulunkulu). Ukuzahlukanisela uNkulunkulu kusho ukugwema ezintweni eziningi okubalwa kuzo nezibhalwe encwadini ka-Numeri 6 ebhayibhelini.
Enkolweni kaMose lesi sifungo sabe saziwa ngokuthi isethembiso sobuNaziri. Ebhayibhelini kwabe kukhona obuNazaretha besikhashana kanye nobuNazaretha baphakade. AmaNazaretha afana noSamsoni, uSamuweli noJohane uMbhabhadisi babalwa njengababethathe isifungo sobuNaziri baphakade.[6]
ENingizimu Afrika ibandla lamaNazaretha elasungulwa uMprofethi u-Isaiah Shembe alakhela ikomkhulu eNanda okuthiwa iseKuphakameni,ilona elidume ngokubizwa ngokuthi "elamaNazaretha" futhi liyayigcina imithetho yobuNaziri, empeleni yonke imithetho kaMose liyithatha ngokuthi eyobuNaziri. Kuleli bandla ukuba umNazaretha akusho kuphela ukuzahlukanisela uNkulunkulu kodwa kusho ukuzigcina ungcwele ngaso sonke isikhathi.
Ibandla lamaNazaretha liyabhabhadisa. Isifungo sithathwa ngokuthi uma umuntu eyamukela inkolo uyaguqa phambi kwebandla athi "Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni " emumva kwalokho uyabhabhadiswa kuphinde kube nohlelo lwenkonzo okuthiwa Inkonzo kaMahlukanandlela. Kuwumgomo kuleli bandla ukuthi isifungo sobuNazaretha kube esaphakade (Izihlabelelo ZamaNazaretha : Umthandazo weSabatha verse 11) [7]
- ↑ "Strong's Hebrew: 5139. נָזִיר (nazir) -- one consecrated, devoted". biblehub.com.
- ↑ Template:Bibleverse
- ↑ AlHaTorah Biblical dictionary: נָזִיר; Template:Alhatorah
- ↑ "MikraotGedolot – AlHaTorah.org". mg.alhatorah.org.
- ↑ "MikraotGedolot – AlHaTorah.org". mg.alhatorah.org.
- ↑ https://rts.edu/resources/the-nazarites/
- ↑ https://www.scribd.com/document/41897324/Shembe-Hymns