Umbaleki
Umbaleki, ngokusho kukaKhomishana Ophakame Wababaleki weZizwe Ezihlangene (UNHCR), ungumuntu "ophoqelekile ukuba abaleke ezweni lakubo futhi afune ukuphepha kwelinye izwe. Akakwazi ukubuyela ezweni lakubo ngenxa yokwesaba ukushushiselwa lokho ayikho, akukholelwayo noma akushoyo , noma ngenxa yombango ohlomile, udlame noma iziyaluyalu zomphakathi"[1] Umuntu onjalo angabizwa ngokuthi ofuna ukukhoseliswa kuze kube yilapho enikezwa isimo sokuba umbaleki ngombuso wesivumelwano noma yi-UNHCR[2] uma enza isicelo sokukhoseliswa ngokusemthethweni.[3]
Abantu Abakhwebuke ngaphakathi (i-IDP) bavame ukubizwa ngokuthi ababaleki, kodwa bahlukaniswa nababaleki ngoba abakaze bawele umngcele wamazwe omhlaba, yize izizathu zabo zokushiya amakhaya abo zingafana nalezo zababaleki.[4]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Who We Protect: Refugees". UNHCR/USA. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2024.
- ↑ Convention Protocol relating 1967.
- ↑ Truth about asylum.
- ↑ "Internally Displaced Persons". United Nations High Commission for Refugees. Kulandwe ngomhlaka 10 July 2017.