Jump to content

Umbuso waseMapungubwe

Kubuya ku Wikipedia
Umbuso waseMapungubwe
c. 1220–c. 1300
Igquma iMapungubwe
Igquma iMapungubwe
CapitalMapungubwe Hill
GovernmentUbukhosi
Mambo 
• c. 1220 – c. ?
Shiriyadenga
• c. ? – c. 1300
Tshidziwelele
History 
• Established
c. 1220
• Mapungubwe Hill abandoned
c. 1300
Area
• Total
30,000 km2 (12,000 sq mi)
Template:Infobox country/formernext
Today part ofSouth Africa, Zimbabwe
Umbuso waseMapungubwe
UNESCO World Heritage Site
Indawo Limpopo, South Africa
Uhlobo Cultural: (ii), (iii), (iv), (v)
Amaphatho 1099bis
Ukwamukelwa 2003 (Template:Ordinal Session)
Extensions 2014
Area 281.686602 km2 (69,606 acres)
Buffer zone 1,048 km2 (259,000 acres)

Umbuso waseMapungubwe kwakuwumbuso wasendulo owawusendaweni lapho kuhlangana khona imifula iShashe neLimpopo namuhla eNingizimu Afrika, eningizimu neZimbabwe Enkulu. Inani labantu basesiqongweno lallifika kwizi-5,000 ngonyaka we-1250, futhi cishe umbuso wawuhlanganisa amakhilomitha-skwele ayizi-30,000 .[1]

Cishe ngonyaka we-1000 CE, abanye abantu baseKopje Leopard bathuthela ngaphesheya kweLimpopo baya eBambandyanalo lapho khona babefuyile futhi belima, belusela imihlambi emikhulu yezinkomo emidlalweni akweminye imiphakathi nokwathuthukisa ubudlelwano bezenhlalo nobezombusazwe, kuyilapho behlanganyela kuhwebo lolwandlekazi laseNdiya besebenzisa imibuso-nxuluma yamaSwahili othungulu lwaseMpumalanga Afrika. Eminyakeni eminingi, ingcebo eyandayo phakathi kwenani labantu elikhulayo yaveza ukungalingani okwakungakufanele ukuhlelwa kwendawo yeBambandyanalo.

Cishe ngonyaka we-1220, phakathi nenkathi yesomiso, iqembu lezicukithwane zaseMapungubwe lathuthela esiqongweni seGquma laseMapungubwe, lalandelwa abantu abahlala ezweni elizungezile elisezansi. Amagquma ayevame ukusebenza njengezindawo zokuphehla imvula, futhi igquma laseMapungubwe laba ukuphela kwendawo enjalo; ukuhlala komholi kulo kwakubalulekile ekuthuthukiseni ubukhosi obungcwele. Ingcebo eningi yaqoqwa ngeminikelo, okwenziwa lula ngokuhlangana kwemifula iLimpopo-Shashe njengesikhungo sohwebo, futhi amazinyo endlovu negolide kwathelikiswa othungulu olusempumalanga. Ukulandela izenzakalo ezingaziwa nokushintsha kwemigwaqo yohwebo enyakatho cishe ngowe-1300, abantu baseMapungubwe badudukela kwenye indawo. Namuhla labantu bavame ukuhlotshaniswa nabantu abangamaKalanga (AmaShona) namaVenda.

Naphezu kokuba abantu bendawo benolwazi lwendawo engcwele, iMapungubwe yavubukulwa kabusha osonzlulwazi bohulumeni wabaqobeli ngowe-1933. Inqoqelo yaseMapungubwe yamalondolondo atholakala esizeni semivubukulo igcinwe eSigcinamagugu seMapungubwe ePitoli. Isiza sitholakala Esiqiwini Sikazwelonke saseMapungubwe INingizimu Afrika, emngceleni weZimbabwe neBotswana.[2] Nakuba ngokwembiso kucatshangwa ukuthi kwakuyisifundazwe sokuqala eAfrika esebingizimu, ukuvubukula esifundeni esifanayo eGqumeni iMapela kubonisa ubufakazi bobukhosi obungcwele cishe eminyakeni engama-200 ngaphambili.[3]

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Igama lesiza lasendulo alaziwa, kodwa abavubukuli basebenzisa uhlelo lokwerha imivubukulo, base bekhetha elithi Mapungubwe, futhi kanjalo nombuso wabizwa nalelo gama.[4] Elithi Mapungubwe lisho ukuthi "indawo yezimpungushe (eziningi)". Ngokwezilimi eziningi zomdabu, elithi "-pungubwe" lisho lesi siilwane. NgesiVenda kuthiwa phunguwe, ngesiPedi kuthiwa phukubje.[5]

Umchazamhlaba

[hlela | Hlela umthombo]

Indawo ezungeze iMapungubwe, eseduze nomfula iLimpopo, namuhla iyindawo enesomiso. Ihlanganisa amagquma esihlabathi esinamatshe, izihlabathi zogwadule iKalahari kanye ne-scrubland.[4]: 15  Kusuka ngowe-1000 CE kuya ku-1200 CE, le ndawo yayinemvula eningi, ikhula izimila ezazibiza izilwane eziningi ezifana nezintibane, izinkonkoni, izinyathi nezinye. Izikhukhula ezivela emfuleni iLimpompo zazisabalalisa imisoco ethafeni lezikhukhula, kuhlanganisa nesemfundeni iMapungubwe lapho kwakunezinhlobo zomhlabathi ezisuka esihlabathini, ubumba, okwenza ukulima kube yinto engenzeka umnyaka wonke.[4]: 19–20 

Indabuko

[hlela | Hlela umthombo]

Sonke isifunda sasihlalwa ngabathwa eminyakeni eyizi-100,000 edlule. Abathwa bokuqala bashiya ifagugu eliebeile lemidwebo yasemihumeni kulo lonke elaseAfrika eseningizimu.[6]: 11–2  Izikhulumi zezindimi zesintu zazihlala esizibeni semifula iShashe neLimpompo phakathi kowama-350 nowama-450 CE.[7] Indabuko yombuso waseMapungubwe isendaweni ebizwa Leopard Kopje, okuyisiko lemivubukulo eliseZimbabwe yanamuhla.[5]

Schroda (900-1000)

[hlela | Hlela umthombo]

Befakwe ugqozi uhwebo ngezinyo lendlovu, amaZhizo afudukela eningizimu ngonyaka wama-900 ukuze ayohlala endaweni ebizwa-Schroda, eduze nomfula iLimpompo. Abathwa bona basuswa emhlabeni yabo yokhokho.[6]: 11–2  AmaZhizo ayefuye imihlambi futhi ekuthanda nokulima. Ayebuye ahwebe ngezinto lendlovu naBathwa, ababehlala ezindaweni ezihlukene.[4] Indawo yaseSchroda kungenzeka kwakuyisiqongo samaZhizo ngenxa yokuthi aymaningi lapho. Inkosi yawo iyona eyayiebe kakhulu, izizuzela imfuyo ngokuhlawulisa, izothulo, ukudliwa kwempahla, ukuphanga, nelobolo elikhulu ngamadodakazi ayo. AmaZhizo eykuthanda ukubumba izinkamba ezihlukene, abaqanjwe ngalo. Ubumba lwalusetshenziswa ukufundisa izingane. Babehwebalana nezifunda ezisothungulu nangegolide, izinyo lendlovu, izikhumba zomkhombe, izikhumba zengwe, insimbi, bathole ubuhlalu bengilazi, izindangu zokotini nosilika, nenhlakahla ecwebezelayo.[1]: 10–4 

K2 (1000-1220)

[hlela | Hlela umthombo]

Ngonyaka we-1000, abanye abantu baseLeopard's Kopje bafudukela eningizimu ukuze bayohlala eBambandyanalo (eyaziwa ngokuthi kuse-K2, esegqumeni iBambandyanalo), kuyilapho amaZhizo wona afudukela entshona ahlala endaweni ebizwa Toutswe eseBotswana namuhla. Abanye ongoti bakholwa ukuthi ubudlwelwane babo babugcwele izimpi nemibangp, kodwa abanye bathi babuyinkimbinkimbi ngokwezenhlalo nangokwezombusazwe. Abanye ongoti bakholwa ukuthi ubudlelwane babo babugcwele imibango nezimpi, kuyilapho abanye bathi babuyinkimbinkimbi ngokwezenhlalo nangokwezombusazwe.[8][9] Ukufika kwabo kwahambisana nokufka kwenkathi yokuvunda, okwenza bathela kakhulu kwezolimo.[4]: 19  Abantu baseLeopard's Kopje babekhulumma uhlobo lokuqala lwesiShona, mhlawumbe isiKlanga esasikhulunywa entsona. Indawo ebizwa K2 kwakuyisiqongo, futhi kungenzeka yayihlukaniswe ngokwezindlu ezazingaphansi kwegunya lomnumzane, kuyilapho inkosi yayiphethe indawo enulu. Abesifazane babesebenza ngosokhlele, kuyilapho abesilisa besebenza ngensimbi.[1]: 16–23 

Babeblima amabele, unyalothi, unjwambu, amalumulondo nama-cowpeas. Ukuze benze umhlaba wabo ukhiize kakhulu, imihlabi yayiluselwa kude nesiqongo, emadlelweni eminye imiphakathi ngenholoso yokuqinisa ubudlelwane yenhlalo-mbusazwe nayo nokwakuvumela ukuba imihlmbi ikhulu ibe mikhulu.[4]: 20  Inanisamba landa kakhulu e-K2 laba abantu abyi-1,500 ngowe-1200. Umkhuba wokwenza imvula wawudlangile, futhi inkosi yayiqasha abafokazana okwakholwa ukuthi banobuhlobo namadlozi (amathongo) ezwe, abafana naBathwa, ngenxa yokulahla lapho isikhathi eside. Ngokufanayo, amaZhizo asala eLeokwe (angaphansi kwawase-K2) ayengongoti bemicikilisho nemidanti yendawo ngenxa yokuhlala kuyo isikhathi eside.[1]: 26–9 

UThomas Huffman wabhala kuthi inani elikhulu lo mcebo owawukhiqizwa uhwebo olwenzeka kulwandlekazi iNdian, waletha ukungalingani okusha, njengoba umphakathi wawuguquka usuka ekubeni okleliswe ngokwenhlalo kuya kowezigaba zenhlalo, onegebe elikhulu phakathi kwezicebi nabahlwempu. Kwaba nzima ukuhlela izindawo zokuhlala ezivumelana nalesi simo.[1]: 30  Kodwa, uMark Horton, uveza ukuthi izindawo eziphakathi neMpuma Afrika zazizuza kanacen kuhwebo olwenziwa ebangeni elide kunamanxuluma asothungulu, (ngenxa yokuqhoqhobala phezu kohwebo kwamaSwahili), futhi uShadreck Chirikure ngabanye bathi umnotho, kanye negumya lababusi kwakusekelwe kwezolimo nokufuya. Ngesikhathi esifanayo, ongoti abafana noNam Kim benoChapurukha Kusimba baveza ukuthi umbuso wakheka ngenxa yocandululo kwezolimo, ukufuya imihlambi, nokusetshenziswa kamandla emicikilisho.[10][4]: 87–92 

Igquma iMapungubwe (1220-1300)

[hlela | Hlela umthombo]
Ibalazwe lezikhungo nemizila yohwebo ethafeni laseZimbabwe

Cishe ngowe-1200 lapho kuphela inkathi yemvula, phakathi nesomiso esinzima esahlukeza umphakathi, izicukuthwane zasebukhosini zafudukisa isibongo sayiswa eMapungubwe (okwakuyisiza sokwenza imvula esidala) futhi zahlala esicongweni esiwucengece phezulu ngowe- 1220, kuyilapho bonke abanye bahlaliswa phansi kwegquma laseMapungubwe.[4]: 17–9  Kungenzeka umuzi omdalacowawulapjo kwadingeka ukuba ushiswe ukuze lwakhowe omusha. Igquma iMapungubwe laba igquma lokwenza imvula lilodwa, futhi ukuhlala komholi kulo kwazhumanisa iNkosi nesiko lokwenza imvula, nokwaba ukukhula kobukhosi obungcwele.[1]: 32–4  Kuleli gauma, kwakuhlala aBathwa kulo ekuqaleni futhi umhumei okulo ngasempuma unemidwebo yobuciko babo.[4]: 17 

iNkosi yokuqala ("uShiriyadenga" ngokomlando wamaVenda)[11] kwakudingeka uchithe isikhathi sayo esiningi iqhingiwe noma isemgonqeni, futhi isigodlo sayo sisohlangothini olusentshona nengquma; sasinegumbi lapho ingosi yayamukela khona izihambeli, nelinye loluhlola izihambeli zingakafiki enkosino, negumbi ezikhethekile lenkosi lokubhula. Ngowe-1250, iMapungubwe yayisinabantu abayizi-5000, abahlala abanezindluvezizungeze igquma. iNkosi yesibili ("uTshidziwelele" ngesiVenda)[11] yakha isigodlo sayo naphakathi nengquma, ngendlela efanayo neyenkosi eyandulele, Kodwa igumbi lezihambeli lahlukaniswa kwelenkosi, ukuze iNkosi nezihambeli zibe namagumbi ahlukene, futhi isebenzise umkhulumeli Ukuxhumana nazo. Amakhosi ayenesithembu, futhi abanye abafazi babehlala ngaphandle kwesiqongo, ukuze balekelele ekugcineni kohleloxhano lwabavunani.[4][1]: 38–51  Uhlelokulawula nohlaka lombuso akucacile, nakuba ongoti bethi kwakufana nokombuso wabaPedi.[4]: 71 

Ezomnotho zazisekelwe kwezolimo, futhi kwakufuywa nezinkomo ezaziluselwa kude nesiqongo, ziqinisa ubudlelwane kwezenhlalo nakwezombisazwe nemiphakathi ebuqamama, futhi kanjalo kwandisa ithonya laseMapungubwe. Ingcebo enkulu yaqongelelwa ngezothulo, ezazikhikhelwa ngezilimo, izilwane noma impahla.[12][13]: 163  Usokhele, igolide, umthanimbi kwakuizinhlwa ezingatholakali esizibeni somfula iShashe- iLimpompo, kodwa kungenzeka iMapungubwe yayizithola njengezothulo noma uhwebo, njengoba ihlangana mfula leShashe neLimpompo kwakuyisizinda sohwebo.[4]: 20, 22  Akucaci kahle ukuthi ukuphoqwa nombango kwaba nalipho igalelo ekukhuleni kombuso waseMapungubwe nokuchachaza kwawo njengoba kungelula ukuhlonza lokhu ngemivubululo. Nakuba izindonga zamatshe zazinenhloso yokuhlukanisa izicukuthwane kubantukazana, zazibie zibe ngenhloso yokuzivikela ezitheni, okuveza ukuthi impi kwakuyinsakavukela.[9] UKim noKusimba, kanye noSimon Hall (abavubukuli), baveza ukuthi ukuphoqelelwa nodlame yizinto ezimbili eziyinhloko zokuba ngamandla ombuso.[4]: 92  Umbuso waseMapungubwe wawuhweba endaweni nezindawo ezifana neToutswe kanye neEiland, kuhwetshwa ngegolide, Izinto lendluvo futhi zithelekiselwa uhwebo lolwandlekazi Indian ngomzila waseSofala.[1]: 38–51 

Akwaziwa ukuthi yini eyawisa umbuso waseMapungubwe.[4]: 32  UElizabeth Anne Voigt waphakamisa ukuthi izinkomo yizona ezawohloza umhlaba, phakathi nesomiso, kuyilapho uDavid Killick benoChristopher Ehret bathi ngekhulu le-13, imibuso yaseKilwa, naseMogodishu yathatya indawo yesiqhibgo iManda nesiqhibgo iShanga njengamachweba ohwebo. Futhi ngaphansi kwethonya laseKilwa, indawo yaseSofala yaba isizinda sohwebo ngegolide, futhi yayiseduze nendawo ekhiqiza igolide ethafeni laseZimbabwe, yasala kanjalo iMapungubwe ingasabalulekile.[4]: 96  UChirikure ngabanye bona bathi imizila yohwebo yagudlukela enyakatho njengoba abahwebi babefuna ukufika ngokushesha endaweni ephakathi nezwe ekhiqiza igolide, nokuyisenzo esadicilela phansi umnotho waseMapungubwe. Ngokufanele, ukuswelakala kwezimohala ezithelekiwe kwakuzowohloza ubudlelwane bezombusazwe baseMapungubwe obabugiyame ekuhwebeni ukuze imihlambi yakhona uthole amadlelo. Baqagula ukuthi ubuholi balahlekelwa ukwethenjwa ikakhulu njengoba kwase kudingeka izothulo eziningi, lokhu kwadala ukungezwani nokungathembani nokwenza abantu abaningi bafuduke endaweni.[4]: 32–3, 98  Isiziba sashoywa abantu abasakazekela enyakatho, entdhoba naseningizimu. Abaphindanga babuya. ENyakatho, kwavela iZimbambwe Enkulu, umbuso onabantu abambalwa, wakhula ngendlela efanayo nowaseMapungubwe, uhlakanisa abantu ngokuhlala futhi unobukhosi obingcwele.[1]: 55 

Isiko nomphakathi

[hlela | Hlela umthombo]
Umdlalo womlabalaba otholakele khona eMapungubwe.

Emva kweminyaka yokuhlala eK2, umphakathi walapha waguquka usuka emphakathini osekkelwe kuqhiwu waba umphakathi osekelwe esigabeni zenhlalo, futhi waba isibonelo sobukhosi bobungcwele eAfrika eseningizimu.[14] Umholi womphakathi nezicukuthwane babehlala phezulu eGqumeni, abantukazana ehlala ezansi.[1]: 32–4  Kwakukhona amakhondo amane abheke egqumeni, elikhulu kuwo lalinabalindi ababebuzwa ngokuthi bayihlo lenkosi.[1]: 37  Izondawo zokuhlala zazihlulaniswe ngokwezindlu zokuhlala ezingaphansi kwabamnumzane, zizungeze igquma, ziyindilinga elivikelayo.[1]: 40  Umbuso kungenzeka wawuhlukaniswe ngokoqhiwu olunezigaba ezinhlanu ngenxa Yokusakaza kwabantu: Kwakukhona abamnumzane, izinduna zomuzi, izinduna ezincane, izinduna ezinkulu, izinduna ngqangi, neNkosi.[1]: 50 

Ukwenza imvula

[hlela | Hlela umthombo]

Umcikilisho wokqenza imvula, noma ukulawula imvula, wawebziwa ngenhloso yokukhinyabeza ukufika kwemvula ukuze kunqandwe isomiso noma izikhukhula. Kwakusekelwe enkolelweni yokuthi abantu banamandla wokuthonya imvelo, imimoya, noma abangasekho abanisa noma bagweve ngemvula. ABathwa okwakukholelwa ukuthi banxhumano oluseduze namathongo akudala ezwe, kwakubizwa bona ukuze balekelele ezinye imiphakathi ngokwenza imcula. Izangoma zaBathwa zazingenwa idlozi noma ziye kwleamarhongo ukuze zivame izilwane eziyamaniswa nokwenza imcula. Umphakathi waseK2 wawukhetya aBathwa kunamaZhizo, okwakungamaqhwamelala wabo kwezombusazwe. Iziqongo zamagquma anemifudlana ezansi, zazisetshenziswa njengezizinda zokwenza imvula, kuhlanganisa nesiza esibizwa Ratho Kroonkop. Njengoba umphakathi wawuba yinkimbinkimbi, imisamo yakhiwa emagqumeni, futhi lo mkhuba walawulwa ngemithetho. EMapungubwe, izicukuthwane zazama ukuguqula indawo yokwenzela imvula, kusuka emagqumeni amaningi zayiletha egqumeni elilodwa; iGquma iMapungubwe, ellihlala abasebukhosini nongoti bokwenza imvula, kanjalo khuba wasuswa ethobyeni labangasekho.[4]: 30–1 

Amaliba asebukhosini

[hlela | Hlela umthombo]
Ubhekane wegolide waseMapungubwe
I ubuhlalu begolide nobucwebe obutholakele eMapungubwe

Ngowe-1930 kwanyalulwa amathuna eduze nesigodlo, okwakunamaliba angama-23. Iningi labangcwatsywe kuwo lalingenayo imihlobiso noma imbalwa, iningi lalabo abakhulile babefake ubuhlalu bengilazi, kodwa abathathu babehlukile. Owokuqala, owaziwa ngokuthi ongxlcwatshwe ngegolide, wayengcwatshwe nesiqamelo sokhuni esimbozwe ngegolide nezinye Izinto ezintathu esikhandwe ngokhumu nazo zambozwa ngembedu; isitsha sokubhula, intonga noma isagila, kanye noBhejane wegolide. Owesibili, ongowesifazane, wangcwatshwa ebheke entshona efake amasongo wegolide ayi-100, ubuhlalu begolide ubuyizi-12,000, nobuhlalu bengilazi ubuyizi-26,000. Owesithathu, okungenzeka owesilisa, naye wangcwatshwa ebheke entshona, enomgexo wobuhlalu begolide obunamantombazane, nezinye Izinto nazo esimbozwe ngegolide, kuhlanganisa nengwenya.[1]: 46–7 

Ngowezi-2007, uhulumeni waseNingizimu Afrika wakhipha imvume yokuba izinsalela eziyisikhehle ezambiwa ngowe-1933, zingcwatshwe kabusha eGqumeni laseMapungubwe ngomgidi owenziwa mhla zingama-20 November 2007.[15]

Inanisamba

[hlela | Hlela umthombo]

Isimayo nesikompilo

[hlela | Hlela umthombo]

Isihlaziyo Sezikhehle senziwa kubantu ababehlala eMapungubwe ukuze kufundwe ngesimo sabo sempilo nesikompilo. Iziphumo ziveza ukuthi abantu baseMapungubwe babeshona namazinga ahambisana nawabantu bangaphambi lwezimboni (afana nawaseYurophu).[16] Esinye isiphumo ukuthi abantu baseMapungubwe babekhula kahle, bengaphatuwa izifo ezibucayi, nakuba abantwana kwesinye isikhathi babephathwa i-anaemia.[17]

Indawo evikelwe

[hlela | Hlela umthombo]

Le ndawo manje isiyingxenye yeSiqiwu Sikazwelonke saseMapungubwe, naso eziyingxenye yendawo evikilwe iUNESCO iSindlalozwe Sesiko saseMapungubwe neNdawo Yokulondolozwa Eyequmngcele YaseMapungubwe.[18]

Isindlalozwe Sesiko saseMapungubwe samenyezelwa njengeSiza Sefagugu Lomhlaba leUNESCO mhla zi-3 July 2003.[19]

Izithombe

[hlela | Hlela umthombo]

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 Huffman, Thomas (2005). Mapungubwe: Ancient African civilisation on the Limpopo. Wits University Press. ISBN 978-1-86814-408-2.
  2. ↑ "Mapungubwe National Park - World Heritage Site in South Africa". southafrica.co.za. Kulandwe ngomhlaka 2024-11-08.
  3. ↑ Chirikure, Shadreck; Manyanga, Munyaradzi; Pollard, A. Mark; Bandama, Foreman; Mahachi, Godfrey; Pikirayi, Innocent (2014-10-31). "Zimbabwe Culture before Mapungubwe: New Evidence from Mapela Hill, South-Western Zimbabwe". PLOS ONE (in i-English). 9 (10). Bibcode:2014PLoSO...9k1224C. doi:10.1371/journal.pone.0111224. ISSN 1932-6203. PMC 4215987. PMID 25360782.
  4. 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 Chirikure, Shadreck; Delius, Peter; Esterhuysen, Amanda; Hall, Simon; Lekgoathi, Sekibakiba; Maulaudzi, Maanda; Neluvhalani, Vele; Ntsoane, Otsile; Pearce, David (2015-10-01). Mapungubwe Reconsidered: A Living Legacy: Exploring Beyond the Rise and Decline of the Mapungubwe State (in i-English). Real African Publishers Pty Ltd. ISBN 978-1-920655-06-8.
  5. 1 2 Tlou, Setumu (2012). The Kingdom of Mapungubwe: The First Urban Centre and the Capital of the First State in Southern Africa (Report). Limpopo Provincial Government. Archived from the original on 2025-06-22. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-02.
  6. 1 2 Mlambo, A. S. (2014). A history of Zimbabwe. Internet Archive. New York, NY : Cambridge University Press. ISBN 978-1-107-02170-9.
  7. ↑ King, Rachel (2011). "Archaeological naissance at Mapungubwe". Journal of Social Archaeology. Sage. 11 (3).
  8. ↑ Calabrese, John A. (2000-12-01). "Interregional Interaction in Southern Africa: Zhizo and Leopard's Kopje Relations in Northern South Africa, Southwestern Zimbabwe, and Eastern Botswana, AD 1000 to 1200". African Archaeological Review (in i-English). 17 (4): 183–210. doi:10.1023/A:1006796925891. ISSN 1572-9842.
  9. 1 2 Kim, Nam C.; Kusimba, Chapurukha M.; Keeley, Lawrence H. (2015). "Coercion and Warfare in the Rise of State Societies in Southern Zambezia". The African Archaeological Review. 32 (1): 1–34. doi:10.1007/s10437-015-9183-x. ISSN 0263-0338. JSTOR 43916844.
  10. ↑ Kim, Nam C.; Kusimba, Chapurukha M. (2008). "Pathways to Social Complexity and State Formation in the Southern Zambezian Region". The African Archaeological Review. 25 (3/4): 131–152. ISSN 0263-0338.
  11. 1 2 Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named "Loubser-2024".
  12. ↑ Delius, Peter; Chewins, Linell; Forssman, Tim (2024). "Turning South African History Upside Down: Ivory and Gold Production, the Indian Ocean Trading System and the Shaping of Southern African Society, 600–1900 AD". Journal of Southern African Studies: 1–22. doi:10.1080/03057070.2024.2436329. ISSN 0305-7070.
  13. ↑ Wingfield, Chris; Giblin, John; King, Rachel (2020). The Pasts and Presence of Art in South Africa: Technologies, Ontologies and Agents (in i-English). McDonald Institute for Archaeological Research. ISBN 978-1-913344-01-6.
  14. ↑ "Origin of Species and Evolution, Wits University Showcase" (PDF). Archived from the original (PDF) on 22 November 2009. Kulandwe ngomhlaka 10 July 2010.
  15. ↑ "The Reburial of Mapungubwe Human Remains | South African History Online". www.sahistory.org.za. Kulandwe ngomhlaka 2024-11-16.
  16. ↑ Henneberg, Maciej; Steyn, Maryana (1994). "Preliminary Report on the Paleodemography of the K2 and Mapungubwe Populations (South Africa)". Human Biology. 66 (1): 105–120. PMID 8157260.
  17. ↑ Steyn, Maryana (1997). "A Reassessment of the Human Skeletons from K2 and Mapungubwe (South Africa)". South African Archaeological Bulletin. 52 (165): 14–20. doi:10.2307/3888972. JSTOR 3888972.
  18. ↑ "Greater Mapungubwe Transfrontier Conservation Area | SADC TFCA Intranet". tfcaportal.org. Kulandwe ngomhlaka 2024-11-16.
  19. ↑ "Mapungubwe Cultural Landscape". UNESCO World Heritage Centre (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2023-06-13.