Jump to content

Umchazamnotho ngokukaKeynes

Kubuya ku Wikipedia

Umchazamnotho ngokukaKeynes (noma ezomnotho ngokukaKeynes noma ubuKeynes) ziwumkhakha wezemfundo zikangqondonkulu ophathelene nemichachiso kanye nonongo womnothonkulu omayelana indlela imvamo yengqekelelo (izindleko ezihlangene emnothweni) inetonya elikhulu emkhiqizweni okomnotho kanye nempanyazo. Ombonweni wobuKeynes, imvamo yengqekelelo ayiholeli njalo ekhonweni lokukhiqiza lomnotho. Ezinye izinto zinomthelela kulokhu ezisebenza ngokungabikizeleki ezithinta umkhiqizo, umsebenzi kanye nempanyazo.

Izazimnotho noma abosomchazamnotho bobuKeynes bavame ukuphakamisa ukuthi imvamo yengqekelelo ayizinzile futhi ayibikizeleki. Lokhu kuholele ekutheni umnotho okwendayi ube nemiphumela engakhabanguliyo okomnothonkulu njengembuyelamuva yomnotho uma ingqekekelo iphansi kakhulu bese impanyazo uma ingqekekelo ephezulu kakhulu. Futhi, baphakamisa ukuthi ukungazinzile komnotho kungathanjiswa ngemiphendulo okwenqubomgomo yomnotho eqhutshwa ngobuchule ngaphakathi kwehulumende nebhange-ngodla yezwe. Ikakhulu, izenzo zenqubomgomo yendleko kahulumende kanye zeznzo zenqubomgomo yenkece zingalekelela ukuzinzisa umkhiqizo womnotho, impanyazo kanye nokuswelumsebenzi esizungezweni sohwebo. Izazimnotho zikhulumela ukuthi kubenomnotho wendayi olawulwayo lokho kuchaza ukuthi kubenomkhakha osisulu oqukatha iningi lezehlakalo omnothweni kepha uhulumende ufeze iqhaza elibalulekile ngokuphokophele ngezinkathi zombuyelamuva noma okudangala komnotho.

UbuKeynes bumile ngenkathi yeNdangalo eNkulu kanye nasemuva kwayo ngenxa yemicabango eyethulwe encwadini kaKeynes ya ngowe-1936: Umchachiso Jikelele woMsebenzi, Inzalaniso kanye neMali. Umqondo kaKeynes wawuphambene okusobala nomchazamnotho ojwayelekile obhekene evameni yohlinzeko ewawuhlume ngaphambi kwencwadi yakhe. Ukuqondisisa umsebenzi kaKeynes kuvusa umbango futhi izinhlangano ezahlukene zomcabango omnotho zibanga ubundlalifa bemvuzo yakhe.

UbuKeynes buzale imiqondiso eyahlukene yokufunda ngezinjwayelo ezibanzi zenhlalo kanye nezikhungo emishumini yeminyaka eyandlule. Abosomchazamnotho abobuKeynes obusha noma abangaphesheya kwobuKeynes bavuselele umbono kaKeynes ngokwengenza izakhi nezindikimba mayelana ukusabalalwa kwomholo kanye nezimpehlu wendayi yomsebenzi kanye nenguqunguqu yezikhungo.

UbuKeynes, njengengxenye yodludlungo olusha lobuklasiki, bukhonza njengonongo ovamile womnothonkulu emazweni athuthukile engxenyeni yasekugcineni yeNdangalo eNkulu, eMpini yesiBili yoMhlabawonke, kanye nendlondlobalo yomnotho ezekamuva kwempi (1945 - 1973). Ihlume ikakhulu ukuzama ukuchaza iNdangalo eNkulu kanye nokusiza abosonzululwazi ukuqonda izinhlekelele ezizayo. Bulahlekelwe ithonya elikhulu emuva kwesimangalo samafuthetshe kanye nokumandawonye-mpanyazo wezi-1970 ekuholele ekutheni ubukhulelekile obusha buthathe isikhundla somchazamnotho ngokukaKeynes njengesicacisamnqondo esihamba phambili sezomnotho kusukela ekugcineni kwezi-1970. Umchazamnotho ngokukaKeynes bumile kabusha njengomchazamnotho ngokukaKeynes omusha, owuyingxenye yesimanjemanje yondludlungo yobuklasikibusha obusha, obubandakanywa kwezomnothonkulu ezijwayelekile zesimanjemanje. Namuhla, amahulumende anomkhuba okusebenzisa izinsiza zobuKeynes (noma ezinye izinsiza zokungenelela) uma kunezinhlekelele ezinkulu njengenhlekelele yezemali zama-2008 ebuqhumise ukuvuselela kwobuKeynes ngama-2008 kwama-2009 kwamahulumende emhlabeni jikelele.

Abagxeki benhlangano yase-Ostriya (njengoFriedrich Hayek noLudwig von Mises) kanye nabosonkece (njengoMilton Friedman) baphakamise ukuthi izinqumbomgomo zobuKeynes zonakalisa izinkomba zentengo zendayi ngokukhulisa imboleko obungekho ngokwemvelo, kanye nezindleko ezixhasa ngukuboleka, ekuholela entshalamalini embi, impanyazo, umboleko okomphakathi obungavuseleleki, kanye nezizungezo zohwebo ezide esikhundleni sokuzinza okuqotho.