Jump to content

Umchazasonto

Kubuya ku Wikipedia

Umchazasonto ungumkhakha wezemfundo zobuKhrestu omayelana iSonto (noma ibandla, kodwa umfundi ekhumbule ukuthi ngesiZulu, igama elithi bandla lisetshenziswa iziqoqo ezahlukene zabantu kanye nalezo ezingaphandle kobuKhrestu). Lokhu kuchaza umlando, uhlaka lokuphatha, izikhundla, ubudlelwane beSonto noJesu, iqhaza elibanjwe yiSonto kwezensindiso, ukuholwa kanye nokukhuzana kwamalunga ayo. Ezinye izilwimi zisebenzisa igama elisuka olwimini lwesiGreki elihlanganisa izinhlamvu ezimbili: ekklēsia (ἐκκλησία, elichaza isonto) kanye ne-logia (-λογία, elichaza izwi, elikhomba umkhakha wemfundo). Kungakho izilwimi zaseYurophu njengesiJalimani nesiBhunu, isiNgisi noma isiFulentshi zithi Ekklesiologie, Ecclesiology noma Ecclésiology (ngokulandelana).

Emlandweni wasekuqaleni weSonto, enye yezingqinamba ezinkulu iSonto yayifanele ukubhekana nayo yayindaba yokubandakanywa kwabezizwe eSontweni njengoba kulesosikhathi yayibonwa njengesifezekiso sesonto elalithenjisiwe eTestamenteni Elindala kwamaJuda. Ngokuhamba kwesikhathi isonto kwakufanele ebhekane nezindikimba zeqhaza elibanjwa ngabafundisi, uhlaka okufanele libuswa ngalo ikakhulukazi iqhaza lamabhishobhi, ubuqiniseko bokungamela koMbhishobhi waseRoma phezu kwamanye amabhishobhi, ukukhonakala kokusindiswa ngaphandle kwesonto, umchazathixo, ukuphathwa kohlelo lwenkonzo, kanye nobudlelwano beSonto noHulumeni. Umchazasonto ungasetshenziswa esigabeni sokudingida nokucubungula isonto noma ibandla elithize njengelamaKatolika noma lobuProthestani.