Jump to content

Umdiki

Mayelana Wikipedia
Imoto ihamba ngesivinini esiphezulu ngesikhathi somqhudelwano, maqondana nephansi isikhundla sayo siyashintsha ngokuya kwesikhathi yingakho imoto inomdiki ocakathile.

Kumchazandalo, umdiki wenezeka lapho into ishintsha isikhundla sayo ngokuphathelene noluma ngesikhathi esithile . Umdiki uchaziswa ngokomchazazibalo mayelana nokukhwebuka, ibanga, isivinini, umkhawulezo, ijubane, nohlaka loluma esibukelini, esilinganisa ukuguquka kwesikhundla sendikimba ngokucakathene nalolo luma ngoshintsho lwesikhathi. Igatsha lo mchazandalo elichazisa umdiki wezinto ngaphandle kokubhekisela kumbangela yawo libizwa ngokuthi ezokuphekuza, kuyilapho igatsha elifunda iziphoqi kanye nomthelela wazo emdikini lubizwa ngokuthi ama-dynamics .