Jump to content

uMdlavuza

Kubuya ku Wikipedia
(Redirected from Umdlavuza)
Isithombe somdlavuza

Umdlavuza iqembu lezifo ezenzeka apho amangqamuzana omzimba eqala ukukhula ngokweqile futhi engalawuleki.[1] La mangqamuzana angakhula enze isigaxa (tumour) noma asabalale kwezinye izingxenye zomzimba. Kunezinhlobo zomdlavuza ezingaphezu kwekhulu, izibonelo zomdlavuza zihlanganisa Umdlavuza wamabele, Umdlavuza wamaphaphu ,Umdlavuza wesibeletho,Umdlavuza wesinye njll.[2]

Kukhona nezimpawu lapho ungazibona khona ukuthi unaso isifo somdlavuza isigaxa emzimbeni, ukopha okungajwayelekile,Ukwehla kwesisindo ngaphandle kwesizathu, ubuhlungu obungapheli, ukukhathala kakhulu.

Umdlavuza ungabangelwa ukubhema, ukudla okungenampilo, izifo ezithathelwana ngocansi ezifana ne-Human papillomavirus (HPV) kanye nomlando womndeni.

Umdlavuza ungagwemeka noma welashwe uma utholakala kusenesikhathi. Yingakho kubalulekile ukuya ezivivinyweni zokuhlolwa njalo. Isifo somdlavusa isifo esiwu mbulali weza eNingizimu Afrika. Umdlavuza yisifo esenzeka lapho ama maseli omzimba eqala ukukhula ngokweqile kunoku jwayelekile futhi engalawuleki. Lokhu kwenzeka kubantu besifazane kanye nabesilisa. Lawa ama maseli angakhula enze isigaxa (tumor) noma asebalale kwezinye izingxenye zomzimba.[3]

kukhona izibonelo zomdlavusa umdlavusa wamabele, umdlavusa wamaphupha, umdlavuza wesibeletho kanye umdlavuza wesinye. Izimpawu zibonakala ngezigaxa emzimbeni, ukopha okungajwayelekile, ukwehla kwesisindo ngapahandle kwesizathu, ubuhlungu obungapheli, ukukhathala kakhulu.

Izimbangela zingaba ukubhema, ukudla okungenampilo, izifo ezithathelwana ngocansi ezifana ne Human papillomavirus (HPV) kanye nomlando womdeni. Umdlavusa ungagwemeka noma walashwa uma utholakal kusenesikhathi. Yingakho kubalulekile ukuya ezivivinyweni zokuhlolwa njalo.[3]

Umthombo wolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ https://www.who.int/news-room/fact-sheets/detail/cancer
  2. ↑ https://www.cancer.gov/about-cancer/understanding/what-is-cancer
  3. 1 2 "What Is Cancer? - NCI". www.cancer.gov (in i-English). 2007-09-17. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.


Umthombo wolwazi

Izimpawu nezinkomba

[hlela | Hlela umthombo]

Ekuqaleni, umdlavuza ungase ungabi nazimpawu. Izimpawu zingavela lapho isimila sikhula noma lapho kuvela izilonda. Izimpawu zincike ohlotsheni lomdlavuza nasendaweni otholakala kuyo. Zimbalwa izimpawu eziqondene nomdlavuza kuphela, njengoba ezinye zivame ukubonakala nakwezinye izifo. Ngenxa yalokho, umdlavuza kungaba nzima ukuwuthola futhi ungaziwa ngokuthi “umlingisi omkhulu” ngenxa yokuthi ungafana nezinye izifo.

Abantu ban noma bacindezeleke ngemva kokuxilongwa. Ingozi ukuzibulala kubantu abanomdlavuza icishe iphindwe kabili.[1]

  1. ↑ Anguiano L, Mayer DK, Piven ML, Rosenstein D (July–August 2012). "A literature review of suicide in cancer patients". Cancer Nursing. 35 (4): E14–26. doi:10.1097/NCC.0b013e31822fc76c. PMID 21946906. Unknown parameter |s2cid= ignored (help)