Umdlavuza womlomo wesibeletho

Umdlavuza womlomo wesibeletho wuhlobo lomdlavuza ovela emlonyeni wesibeletho, ingxenye engezansi yesibeletho exhuma esithweni sangasese. Le ngxenye ebalulekile yesimiso sokuzala sowesifazane isebenza njengendlela yokudlula igazi lokuya esikhathini, isidoda, nokubeletha. [1]
Imbangela yomdlavuza womlomo wesibeletho ukutheleleka ngezinhlobo ezithile ze-human papillomavirus (HPV), igciwane elivamile elidluliselwa ngocansi.Abesifazane abane-HIV basengcupheni enkulu kakhulu yokuthola lo mdlavuza, njengoba i-HIV yenza kube nzima ukuba umzimba ulwe ne-HPV. Ukwenza ucansi ungakabi neminyaka engu-18 kwandisa amathuba okutheleleka nge-HPV. ukushintshashintsha abalingani bocansi kwandisa ingozi yokutheleleka nge-HPV.[2]
Izimpawu zomdlavuza wesibeletho uma usaqala, ukopha kwesitho sangasese okungajwayelekile : lolu uphawu oluvame kakhulu, kuhlanganise nokopha ngemva kocansi. ukuphuma koketshezi olungajwayelekile: uketshezi olunjengamanzi, olunegazi, noma olunephunga elibi lungase luvele lapho amagqamuzana e tumor efa. Ubuhlungu be-pelvis noma ngesikhathi ngesikhathi socansi kukhombisa ukukhula kokuqala lwe-tumor. [3]
ukuze sizivikele ukuthi singatholi umdlavuza wesibeletho okungasisiza ukuthi wenze i pap smear, noma lokhu kungeke kuwuvikele umdlavuza kodwa kuzosiza ngoba uma utholwe usasesigabeni sokuqala kungaba lula ukuthi ulapheke.okunye kuthi uma wenza ucansi usebenzise i condom. ukuze ukweme ukuthola umdlavuza wesibeletho kumele ugomele i-HPV uphinde uqinisekise ukuthi uyazijwayeza ukuyohlolwa emtholampilo.[4]
Izinkomba
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "What is cervical cancer?". www.cancerresearchuk.org (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
- ↑ "Cervical Cancer Causes | What Causes Cervical Cancer?". www.cancer.org (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
- ↑ Aayushi (2024-12-03). "Cervical cancer: Don't overlook these 8 early signs". Healthshots (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
- ↑ "Can Cervical Cancer Be Prevented | Ways to Prevent Cervical Cancer". www.cancer.org (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.