Jump to content

Umenzo

Mayelana Wikipedia

Umenzo uyinto ekhona ngokwayo, noma eyenziwa yaba khona. Akudingeki ukuba kube yinto ekhona ngokubonakalayo. Nanoma ingabonakali kodwa uma ikhona kwanele. Ngokukhethekile, Izinto ezikhanyangwayo kanye neziqambo ezingokomthetho zivame ukuthathwa njengemenzo. Ngokuvamile, akukho ukuqazikela ukuthi umenzo uyaphila, noma ukhona . .

Leli gama elithi umenzo libanzi futhi lingase libhekisele ezilwaneni; izici zemvelo njengezintaba; izinto ezingaphili njengamatafula; izinto eziqanjwe abantu njengemithetho, izinhlangano kanye neziyalo zemfundo; noma izidalwa ezingaphezu kwemvelo njengonkulunkulu nemimoya.

Uma lisebuningini lithi imenzo.

Umsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Igama elithi umenzo lisuselwa kulelo eliyisihlonipho elisho umuntu. Umuntu kukholwa ukuthi ungumenzo njengoba enziwa nguMvelingqangi. Kanjalo, ezinye izinto nazo ezenziwe ngabantu nazo zingumenzo, ikakhulu lezo ezikhona eziphilayo nezingaphili.

Kwezomthetho, kwezomnotho, kwezokudandanisa

[hlela | Hlela umthombo]

Umthetho, umenzo ongokomthetho ungumenzo ongakhona ukugixabezwa ngamalungelo noma izibopho, okusho ukuthi umenzo ungaba umuntu wemvelo noma umuntu ngokomthetho (e.g. umenzo oyinkampani, inhlangano noma umshumanqa).

Kwezomnotho, umenzo wezomnotho ungukuqazikela okwenziwa ngokwezimiseli zokudandanisa. Noma yiluphi uhlobo lwenhlangano olusezweni lungaba umenzo wezomnotho.

Kwezokudandanisa, umenzo uyisicabango esithi umhwebo,inkampani noma inhlangano kanye nabaphathi bayo kumele bathathe njengezingxenye ezihlukene.