Jump to content

Umfana

Kubuya ku Wikipedia
Umfana waseLaos

Umfana ungumuntu wesilisa osemncane. Igama elithi umfana livame ukusetshenziswa ukuchaza ingane yesilisa esesigabeni esingaphansi kwesebhonga. Lapho eneminyaka elishumi nesithupha kuthiwa ibhungu. Lapho umuntu wesilisa efika esigabeni sobunsizwa, esekhule ngokugcwele kuthiwa indoda.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Elithi umfana liyisinciphiso segama elithi umufo okuyigama elivamile lesiZulu elisho indoda. Ukuncishiswa kwelithi umufo bese kuvela elithi umfana, kuhlobene nokuncishiswa kwelithi indoda ukuze kuvele elithi indodana. Elithi umufo libuye lisetshenziswe nalapho kukhulunywa ngabafo besilisa umuntu azalwa nabo, kuthiwe umfowabo, umfowenu, umfowethu. Lapho ubuzwa umbuzo othi ungumufo kabani? kusuke kubuzwa ukuthi oyindodana kabani. Elinye igama elifana nalo lithi umfokazi. Igama lokuhlonipha umfana elivamile ngelithi umkhapheyana.

Umfana ohlezi ehamba nonina ubizwa ugombetsheni noma ugombotshe. Umfana ohlala esendlini ubizwa umjingandlu. Mfana omkhulu ngomzimba noqinile ubizwa ikhewe. Iqembu labafana libizwa inkwebane Lapho kweluswa, umfana ohola izinkani ubizwa umholeli.

Abafana besebenzisa isicikizi
African boy transporting fodder
Umfana waseTanzaniya efuftutha ubutshani ngengqayika

Umchazampilo

[hlela | Hlela umthombo]

Ukwakheka kobulili

[hlela | Hlela umthombo]
Ubulili bengane bakhiwa iziphathafuzo zobulili ezisemalotheni. Imvama, uma iqanda kunina likhulelisa amalotha aqukethe iziphathafuzo X, umbungu izoba neziphathafuzo X ezimbili futhi ubulili bawo kuzoba Isifazane. Uma umbungu ukhulelisea amalotha aqukethe isiphathafuzo Y, umbungu uzoba nesiphathafuzo XY futhi ubulili kuzoba Isilisa.

Ubulili bomuntu bunqunywa lapho amalotha anesiphathafuzo X noma Y ekhulelisa iqanda. Uma amalotha equkethe isiphathafuzo X, umbungu uzoba neziphathafuzo XX, futhi ubulili kuzoba obentombazane. Lapho amalotha athwele isiphathafuzo Y kuxubane iziphathafuzo XY, ubulili kuzoba umfana. Imixhantela yalokhu iveza imibungu enobulili obuphakathi.

Ukukhula esinyeni nokwesidoda

[hlela | Hlela umthombo]
Inkwebane yase-Armenia izidlalela

Phakathi kwemibungu yesilisa lapho inamaviki ayisikhombisa yokumitha, isifuzisi esikusiphathafuzo Y sithonya izinguquko ezimenza kukhule amasende. Emavikini alithoba, ukukhiqizwa kwamandlendoda embungwini wesilisa kwenza kuvele uhlelo lokuzala lowesilisa.[1]


Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Institute of Medicine (US) Committee on Understanding the Biology of Sex and Gender Differences (November 28, 2001). Wizemann, Theresa M.; Pardue, Mary-Lou, eds. Sex Begins in the Womb. National Academies Press (US) via www.ncbi.nlm.nih.gov.