Jump to content

Umfazi

Kubuya ku Wikipedia

Umfazi ( pl. abafazi ) ungowesifazane osebudlelwaneni bomshado noma oganile. Owesifazane ohlukane nomlingani wakhe uyaqhubeka ukuba ngumfazi kuze kube yilapho umshado wabo uqedwa ngokusemthethweni ngesahlulelo sesehlukaniso; noma kuze kube sekufeni, kuye ngohlobo lomshado. Uma umlingani wakhe eshona, umfazi ubizwa ngokuthi umfelokazi . Amalungelo nezibopho zomfazi kumlingani wakhe kanye nesimo sakhe emphakathini nasemthethweni kuyahlukahluka phakathi kwamasiko futhi kuye kwahlukahluka ngokuhamba kwesikhathi.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]
Indandatho yomshado yegolide elimhlophe kanye nendandatho yomshado enebhande legolide elilodwa. Emasikweni amaningi, abafazi babonisa isimo sabo somshado ngezimpawu ezahlukene.

Igama elithi umfazi livela kwelithi umufo, lisesimeni sobulili obuphambana nelithi umufo (indoda). Okusho ukuthi elithi umufo lisebenza kwabesilisa, bese elithi umfazi lisebenze kwabesimame. Lokhu kungenxa yokuthi isijobelelo azi sijotshwe kwelithi umufo, njengalapho sijotshelelwa kwelithi indoda + azi (indodakazi), noma inkomo + azi (inkomazi). Amgama asuselwa kwelithi umfazi ahlanganisa elithi isifazne nelithi owesifazane, womabili ayiziphawulo zalo.