Umgede waseSwartskrans
| UNESCO World Heritage Site | |
|---|---|
|
| |
| Indawo | Gauteng, South Africa |
| Ingxenye | Sterkfontein, Swartkrans, Kromdraai, and Environs part of Fossil Hominid Sites of South Africa |
| Uhlobo | Cultural: (iii)(vi) |
| Amaphatho | 915bis-001 |
| Ukwamukelwa | 1999 (Template:Ordinal Session) |
| Extensions | 2005 |
| Coordinates | 25°55′45″S 27°47′20″E / 25.92917°S 27.78889°ECoordinates: 25°55′45″S 27°47′20″E / 25.92917°S 27.78889°E |
Umgede waseSwartkrans ungmhume noma umgede onezintshicwa ohlonzwe njengesiza sefagugu saseNingizimu Afrika kuzwelonke, otholakala cishe endaweni engamakhilomitha angama-32 ukusuka eGoli. Umgege usendaweniieyiSiza Sefagugu Lomhlaba seSidabuko Sesintu futhi waziwa ngokuba nenani elikhulu lezinto zakudala, ikakhulukazi izinsalela zeNkawuntu (hominin). Izinsalela ezitholakale etshenimcako lomgede waseSwartkrans zifaka phakathi i-Homo ergaster (uhlobo lwe- Homo erectus ), i-Paranthropus kanye ne-Homo habilis. Kukholakala ukuthi ukuqoqeleka okudala kunakho konke okusesizeni kuneminyaka ephakathi kwezigidi ezingu-1.9 nezingu-2.1 ubudala.
Isazi somchazanguna esidumile uRobert Broom wayevame ukumba. Walandelwa nguCK 'Bob' Brain, ukuvubukula kwakhe endaweni okwaphefumulela incwadi yakhe ethi The Hunters or the Hunted? lapho abonisa khona ukuthi esikhundleni sokuthi kube yizinkawu ezibulala abantu, izinsalela zeNkawuntu (hominin) ezitholakale endaweni zaziyizisulu zokudliwa yizimpaka ezinkulu. Ekuqaleni, kwakukholelwa ukuthi iDinofelis yayinecala lokubulala okunjalo, yize ubufakazi bamuva busikisela ukuthi izinkawuntu cishe zaziyizisulu zeMegantereon noma izingwe ngokusekelwe kuzilinganiso zechembe lomcalahle (carbon isotope) ezithathwe kwisilo ngasinye esidla ezinye izilwane.
Umlando wophenyo
[hlela | Hlela umthombo]Umgede waseSwartkrans utholakala eMfuleni iBlaauwbank eSidabukeni Sesintu, onomlando omude wezinye zezinhlobo ezindala kakhulu zezinkawuntu ezivubukulwe emhlabeni. Usendaweni eqhele ngekhilomitha ukusuka eSterkfontein, okusiza okutholakala kuso imivubukulo efanayo yesikhathi esifanayo. Indawo yokulima yangasese umhume owawukuyo ekuqaleni yathengwa iNyuse yaseWits ngowe-1968.
Umhume watholakala ngowe-1948, futhi ukumba kokuqala kwenziwa yisazi somchazangunauRobert Broom. Ithimba lakhe lathola izinsalela eziningana zeParanthropus robustus kanye nezinhlobo zokuqala zeHomo . Kwakuyindawo yokuqala lapho bobabili uParanthropus noHomo batholakala khona ndawonye, okubonisa ukuthi babengabesikhathi samanje.
Ukumba kwabe sekuma kwaze kwaba maphakathi nawo-1960 kwaqhubeka kwaze kwaba ngawo-1980, lapho uCK Brain eletha iqembu emgedeni waseSwartkrans. Kwatholakala izinkulungwane zezinto zobuciko kanye nezinsalela zezilwane, ezingama-415 zazo ezibhekwa njengezinkawuntu.
Imivubukulo
[hlela | Hlela umthombo]
Obunye bobufakazi bokuqala bokusetshenziswa komlilo okulawulwa ngabantu bungatholakala emgedeni waseSwartkrans, kuze kube yiminyaka eyizigidi eziyi-1.5 edlule.
Ngaphezu kwalokho, obunye bobufakazi bokuqala bamathuluzi ethambo aguquliwe obutholakale emgedeni oseSwartkrans naseSterkfontein, kanti obunye obudala kakhulu eSwartkrans busukela eminyakeni engaba yizigidi ezingu-1.8 edlule. La mathuluzi kungenzeka ukuthi enziwe yi -Australopithecus robustus noma uhlobo lokuqala lwe -Homo, olwaluhlala emhumeni cishe ngesikhathi esifanayo.
La mathuluzi okuqala kwacatshangwa ukuthi asetshenziswa ukumba izilimo eziyizigaxa, kodwa kungenzeka ukuthi asetshenziswa ukuvuna imihlwa, ezazikhona ngesikhathi sokuhlala emgedeni yaseSwartkrans; amaningi ala mathuluzi kungenzeka ukuthi ayenezinhloso eziningi. Ukuhlolwa kabusha kokuguga kwamathuluzi enziwe ngamatshe namathambo atholwe nguBrain ekumbeni nasekuhlolweni kwangaphambilini ngabacwaningi kuholele esiphethweni sokuthi imihlwa, umthombo ophezulu wemisoco, zaziwumthombo wokudla owengeziwe wezinkawuntu (hominid) zokuqala. Amathuluzi ethambo avumela ukukhishwa kwezinambuzane kube lula ukwedlula amatshe.
Ngowezi-2016, kwamenyezelwa ukutholakala kobufakazi bokuqala bomdlavuza kuzinkawuntu. I-osteosarcoma itholakale ku -metatarsal yesihlanu engakwesobunxele evela kunkawuntu engajinjwanga ngokomjinjo.
Umchazamphansi
[hlela | Hlela umthombo]Umgede waseSwartkrans ungumhume wetshemcako futhi uhlukaniswe ngokomchazamphansi waba amalungu amahlanu. Ilungu 1 liqukethe izinqwaba ezimbili ezinkulu, ezibizwa ngokuthi iZinsalela Ezilengayo (Hanging Remnant) kanye noGu Oluphansi (Lower Bank). Izinsalela ze -Homo ergaster kanye ne-Paranthropus robustus zitholakale kuLungu 1, kanti iLungu 2 liveze uhlobo olufanayo.

Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]Page Template:Reflist/styles.css has no content.