Umgexo
Umgexo uyinto yobucwebe, ubuhlalu noma ezinye izithako, elengiswa entanyeni. Imigexo kungenzeka ukuthi yayingenye yezinhlobo zokuqala zokuhlobisa ezigqokwa abantu.[1] Ivame ukugqokelwa imikhosi, ezenkolo, imilingo, noma ezomngcwabo futhi isetshenziswa njengezimpawu zengcebo nesikhundla, njengoba ivame ukwenziwa ngezinsimbi eziyigugu, ubuhlalu namatshe.
Ingxenye eyinhloko yomgexo yibhande, umqokozo, noma intambo ezungeza intamo. Imigexo yanamuhla ivame ukwenziwa ngezinkimbi eziyigugu njengegolide, isiliva, nekhazi. Imigexo ivame ukuba nezinamathiso ezengeziwe ezilengiswe noma ezifakwe ngaphakathi komgexo ngokwawo. Lezi zinamathiso zivame ukufaka iziyikaza (pendant), izikhweqana (locket), iziqu (amulet), iziphambano, nezinto eziyigugu njengedayimane, ubuhlalu, amarubi, ama-emerald, ama -garnet, nama -saphir . Zenziwe ngezinhlobo eziningi zezinto zokwakha futhi zisetshenziselwa izinto eziningi futhi ngezinye izikhathi zihlukaniswa njengezingubo.
Imigexo yomlando
[hlela | Hlela umthombo]