Umhlabana
Umhlabana ungumzulane omncane —uyinto enkulu kunomhlabatshe (ngemitha elilodwa kuyaphezulu) engewona umzulane noma ubhaqanyezi —ezungeza ngaphakathi kozungezohlelo lwelanga noma ezungezana noMkhulukhulwana. Imihlabana ayizindikimba ezinamatshe, eziyinkimbi, noma eziqandayo ezingenawo umoyambulunga, futhi ezijinjwa kabanzi ngohlobo -C ( ezinomCalahle), uhlobo -M ( ezinkimbi ), noma uhlobo -S ( ezinegcaki ). Ubunako kanye nobumo bemihlabana buyahlukahluka kakhulu, kusukela ezinqwabeni ezincane zemfucumfucu ngaphansi kwekhilomitha elilodwa ukuya eCeres, umzulane osichwe ocishe ube yi-1000 yamakhilomitha obulungangoni. Indikimba ejinjwa njengobhaqanyezi, hhayi umhlabana, uma inomsila lapho ufudunyezwa imiyonzi yelanga, yize okubonwe muva nje kusikisela ukuqhubeka phakathi kwalezi zinhlobo zemizimba.