Jump to content

Umiyane

Kubuya ku Wikipedia
mosquito

Umiyane yisinambuzane esincane esinamaphiko futhi siyandiza. Utholakala ezindaweni eziningi emhlabeni, ikakhulukazi lapho kunamanzi amile. Ezinye izinhlobo zemiyane zingaluma izilwane kanye nabantu, Kanti ezinye zingasabalalisa izifo ezifana nomalaleveva.[1]

Umiyane udla umpe wezimbali namanye amajusi ezitshalo. Umiyane wesifazane wona udla umpe, kodwa udinga negazi labantu noma lezilwane ukuze ukwazi ukukhiqiza amaqanda.[2]

Umiyane uzalana ngokubeka amaqanda emanzini amile noma ezindaweni ezinamanzi. Amaqanda achamisela abe izibungu bese zikhula zibe iminyovu emincane ngaphambi kokuba zibe omiyane abadala. Umiyane utholakala emazweni amaningi emhlabeni, uhlanganisa neNingizimu-Afrika, kanye nakwamanye amazwe e-Asia, eYurophu, eMelika nase Australia.[3]

  1. "Mosquito | Description, Life Cycle, Importance, Species, Diseases, & Facts | Britannica". www.britannica.com (in i-English). 2026-07-08. Kulandwe ngomhlaka 2026-08-07.
  2. "What Do Mosquitoes Eat? Is Blood Their Only Food Source?". www.terminix.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-07.
  3. US EPA, OCSPP (2013-02-21). "Mosquito Life Cycle". www.epa.gov (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-07.