Umkhakha wezobunhloli
| Ingxenye yochunge oluthinta |
| Umkhakha wezobunhloli kanye nobunhloli |
|---|
Umkhakha wezobunhloli, owaziwa nangokuthi uhwebo lezobunhloli, imboni yezobunhloli, noma indima yezobunhloli, yimboni yomhlaba wonke ejikeleza lkezobunhloli ngazo zonke izinhlobo zabo. [1] Umkhakha wezobunhloli wakhiwe ngabantu, amaqembu, nezinhlangano ezisebenzisana—ngokuqondile noma ngokungaqondile—ngoobunhloli, kanye/noma ezisekela labo bantu ababenzayo. Le mboni iqukethe; abameli (hhayi labo abasebenzisa umthetho wezobunhloli kuphela), osolwazi kanye nezifundiswa (hhayi labo abasezifundweni zobunhloli kuphela), osombusosazwe, abachazimpilo, abachziboTho, ogqayinyanga, abathwebuli bezithombe, abathwebuli bemibukiso, ongoti bezobuchwepheshe bokwaziswa, osomlando, osomnotho, osonzululwazi bemininingo, abaklami bezithombe, izazi zengqondo, ababhali bezindatshana, abahlaziyi bezobunhloli, abaphathi be -c-suite, abaqhibuki, abakitizi, kanye nabathuthukisi behlelokusebenza, phakathi kwabanye. [2] Abantu abaqashwe yizinhlangano zobunhloli bavame ukuba yizikhulu eziqashwe ngokugcwele zezikhungo zobunhloli ezibizwa ngokuthi izikhulu zobunhloli . Labo bantu ababizwa ngokuthi “izinhloli” bakha ingxenye encane nje yomkhakha wezobunhloli—incane kakhulu kangangokuthi ezinye izazi ziye zaphikisana ngokuthi umsebenzi wobunhloli, obizwa ngokuthi ubuncondi, awusekelwe emlandweni futhi awudingeki emkhakheni wezobunhloli wanamuhla. Ngamanye amazwi, njengoba nje kungebona bonke embonini yamafilimu abangabalingisi, akubona bonke abasemkhakheni wezobunhloli abayizinhloli, noma ngisho abasebenzelana nobunhloli. Ngamafuphi, uHager Ben Jaffel noSebastian Larsson babhala:
...ukwenza ubunhloli namuhla kungasho noma yini kusukela ekwaziseni ngezombusazwe eziphezulu nokukhiqiza ukuhlolwa kwezingozi, kuya ekubhekaneni nezinto ezingavamile zomsebenzi wansuku zonke wamaphoyisa, kuya ekuphatheni izizindamininingo ezinkulu ezihilela izixazululo zokudlozabukhoma eziyinkimbinkimbi zezicikizi. [2]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Intelligence: A consumer's guide∗": 457–486.
- 1 2 "Why Do We Need a New Research Agenda for the Study of Intelligence?": 727–750. Cite error: Invalid
<ref>tag; name ":0" defined multiple times with different content.