Jump to content

Imikhosi yesizwe SakwaZulu

Kubuya ku Wikipedia
(Redirected from Umkhosi Womhlanga)
Izethameli ezize emkhosini wakwaZulu

Imikhosi yesizwe samaZulu iyimigubho ebanjwa kuwo wonke unyaka. Umkhosi owaziwa kakhulu yilowo obizwa ngokuthi Umkhosi womhlanga, lapho khona izintombi zihlangana ziyokha umhlanga. Emikhosini eminingi yakwaZulu, abantu bavunula bahlobengengqephu yesintu, kuba khona namabutho wesizwe samaZulu, futhi ngokuvamile lemikhosi iholwa iSilo sesizwe samaZulu. Ngokwesiko kuyahlatshwa kulemikhosi, kubulawe izinkomo nezimbuzi. Imikhosi yakwaZulu emikhulu ihlanganisa uMkhosi woMhlanga, UMkhosi woSelwa, uMkhosi KaNomkhubulwane, Umkhosi WeLembe, Umkhosi Wamaganu, Umkhosi Wesivivane.

Umkhosi womhlanga

[hlela | Hlela umthombo]
Izintombi ziphethe umhlanga

Umkhosi Womhlanga umkhosi lapho izinkulungwane zezintombi zamaZulu zihlangana khona eNyokeni esigodlweni seNgonyama yamaZulu ngoMandulo unyaka nonyaka. Umkhosi womhlanga isiko lokukhuthaza ubumsulwa ezintombi nokuhlonishwa kwabesifazane abasebasha. Kanye baye befundiswe nokuhlonipha nokucondiza kobuntombi. UMhlanga oxhumene nalo Mkhosi ngokomlando wuqalo oluthathwa njengomuthi wokuqala ukumila eNingizimu yezwe laseGibhithe eTopiya. Ngenxa yokuthathwa kwalo njengomuthi wokuqala, kukholelwa ukuthi uqalo wuhlanga lezwe olwaluhlanganisa iNingizimu neNyakatho yezwe laseGibhithe. Leli siko lagqame kakhulu ngeminyaka ye-1940 Eswatini ngaphansi kombuso kaSobhuza II. Izintombi zasuka kuzona zonke izindawo ezakhele izwe laseSwazini zanikela eLudzidzini embuthanweni owathatha izinsuku eziyisishiyagalolunye[1].

Lo mkhosi ususelwa emcimbini omdala odume ngokuthi wumchwasho. Umchwasho uchazwa ngokuthi isiko eliqondene nezintombi ezimsulwa ezingakahlangano nowesilisa ngokocansi. Kulo mkhosi, izintombi zisuke ziqhakambisa ubuntombi bazo nokuveza ubuhle bazo. uMhlanga okhiwa yizintombi ezingamatshitshi emifuleni umele uHlanga Lwezwe. Ukwethulwa komhlanga eNgonyameni kuwuphawu lokugcizelela ukuthathwa kwayo njengoHlanga Lwezwe.[2] Lo mkhosi ugujwa njalo ngonyaka, enyangeni kaMandulo (September) esiGodlweni seNgonyama, eNyokeni kwaNongoma.

Umkhosi woselwa

[hlela | Hlela umthombo]

UMkhosi woSelwa noma uMkhosi wokweShwama uwumthandazo wesizwe wokubongwa  uMvelingangi/ uMvelikuqali ngemvula, inala nokugcina abantu abadala (omkhulu nogogo) abayinqolobane yesizwe mayelana ngolwazi nokuhlakanipha abaludlisa esizikulwaneni.  Bayinqolobane nomthombo womlando, amasiko nokunye okuningi. Iselwa igama eliyibizo lesithelo sesitshalo esithi asifane nethanga. Sithi uma sesivuthiwe kwenziwe ngaso amagula amasi, izigubhu zamanzi nezinkezo zokukha amanzi  noma utshwala. Abanye babiza bathi uselwa (uluselwa). Lesi sitshalo sithi asifane nezintanga futhi sikhula sinabe sikhiphe imilibo njengazo izintanga.  Likhula linabe bese likhipha izigubhu okuyizona ezibiza ngokuthi iselwa. Iselwa liyaphekwa kwenziwe ingqeke, kwesinye isikhathi liphekwa ndawonye nethanga.  Lesi sitshalo  siyigugu esizweni samaZulu.  Sitshalwa ehlobo noma enkwindla uma sekufike isikhathi sokufaka immbila phansi, izintanga, amabele nemfe nokunye okutshalwa emasimini.  

Lo mkhosi ugujwa ngenyanga kaZibandlela kwaNongoma esigodlweni seSilo.  Wenziwa ngesikhathi inyanga igcwele (full moon).  Lo mkhosi uqondene ngqo nabantu besilisa kuphela, ikakhulukazi izinsizwa ezingakabuthwa.  Lo mkhosi mdala KwaZulu naseSwazini.  Amalungiselelo okugujwa komkhosi aqala ngenyanga kaLwezi (November).

Umkhosi kaNomkhubulwane

[hlela | Hlela umthombo]

UNomkhubulwane inkosazane yesizwe samaZulu okukholelwa ukuthi iyona elawula ukutshalwa nesivuno emasimini, iphinde ilawule ubuntombi ezintombini noma ebantwini besifazane.  Kunenkolelo yokuthi le nkosazane iletha inhlanhla ebantwini besifazane okubalwa kona ukugana kanye nesipho sokuthola abantwana.

Lo mkhosi ungumkhuluko wesizwe lapho  kucelwa khona imvula, inala, inzalo,  nokuthula ezweni. ISilo saMabandla, uNgangezwelakhe wavuselela leli siko waqoka isizwe sakwaSokhulu ukuba yisona esisingatha lo msebenzi. Isigubhu seNkosazane silandwa khona endaweni yakwaSokhulu.

UMkhosi weLembe

[hlela | Hlela umthombo]
Isikhumbuzo seSilo uShaka kaSenzangakhona

Lona Umkhosi obanjelwa KwaDukuza, wokugubha ISilo sokuqala sesizwe samaZulu uShaka kaSenzangakhona, owabumba isizwe ngokuhlanganisa izizwe ezihlukene ukuze zakhe umbuso wakwaZulu. Lo mkhosi ubanjwa ngosuku olufanayo nolomgubho wosuku lwamagugu eNingizimu Afrika, mhla zingama-24 kuSeptembha, owawubizwa ngokuthi Usuku LukaShaka ngezikhathi zobandlululo.. Lo mkhosi ubanjwa kuMasipala Wendawo waKwaDukuza, ongaphansi koMasipala Wesifunda iLembe, KwaZulu-Natali. [3]

UMkhosi weLembe wasingathwa okokuqala esigodlweni saseNyokeni kwaNongoma ngonyaka wezi-2020. Nakuba wethanyelwa abantu abangama-250 ngenxa yemigoqo ebekiwe yokungahlangani kwabantu ngenxa yobhadane lwe-Covid-19.[4] Lo mkhosi waphinde wagujwa ngonyaka wezi-2021 kusetshenziswa ezobuchwepheshe, futhi ukugutshwa kwawo kuyaqhubeka minyaka yonke.

Umkhosi wamaGanu

[hlela | Hlela umthombo]

Umkhosi wamaGanu umkhosi wokugubha ulibo lezithelo zamaganu, okwenziwa ngazo utshwala bamaganu obuphiswa izakhamuzi zomphakathi ongaphansi kobukhosi bakwaTembe.[5]

UMkhosi Wesivivane

[hlela | Hlela umthombo]
isivivane

Umkhosi Wesivivane ungumgubho obungaza abantu besifazane. Lo mkhosi ubanjwa ngenyanga ka-Agasti, oyinyanga yabantu besifazane, usingathwa uMnyango Wezobuciko namaSiko KwaZulu-Natali ubambisene neNdlunkulu yakwaZulu. .

Abantu besifazane besifundazwe sakwaZulu-Natali nezinye isifundazwe, kuhlanganisa nababuya Eswatini, bonke babuthanela esogodlweni, ukuzogubha lomkhosi.

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Ngwenya, Emmanuel Themba. 2017. Ucwaningo ngesiko lenhlonipho njengensika yesizwe samaZulu. University of Zululand.
  2. Nkosi, G. S. (2013). Umkhosi Womhlanga (Reed Dance) as a tourism enterprise in KwaZulu-Natal: Perceptions, policies and practices (Doctoral dissertation, University of Zululand).
  3. https://uzspace.unizulu.ac.za/items/24c00a26-7bff-45a9-87a5-4b0a7b64e6f1
  4. https://www.timeslive.co.za/news/south-africa/2020- 0924zulukingwarnspoliticians-to-unite-against-covid-19-or-face-punishment- by-ancestors/
  5. https://www.kzndard.gov.za/component/k2/item/684-agricultural-plant-of-marula-hailed-as-a-beacon-of-hope