Jump to content

Umlanduleli

Kubuya ku Wikipedia

Umlanduleli ungusomthetho osebenzelana nezindaba eziningi zomthetho kwezinye izindawo. Umuntu kufanele abe neziqu ezichasiswe ngokomthetho, ezingafani kuya ngokwamagunyandawo ahlukene, ukuze achaziswe njengomlanduleli futhi avunyelwe ukusebenza kanjalo. Ngokwesibonelo, eNgilandi naseWales umlanduleli uvunyelwe ukusebenza ngaphansi kwezimiso zoMthetho Wabalanduleli 1974. Ngaphandle kokuthile, abalanduleli abasebenzayo kufanele babe nesifakazelo sokusebenza. Kunabalanduleli abaningi kunomakhulumaqandule eNgilandi; bagidinga izici ezivamile zokunikeza iseluleko sezomthetho nokwenza izinqubo zomthetho.[1]

Ezindaweni zaseNgilandi naseWales nasENyakatho Ireland, ezifundazweni zase-Australia INew South Wales, iVictoria, I-Queensland, eHong Kong, eNingizimu Afrika (lapho bebizwa khona ngokuthi abameli) naseRepublic of Ireland, Ubungcwepheshi kwezomthetho buhlukaniswe phakathi kwabalanduli nomaqandule (ababizwa ngabaphikeli kwabanye amazwe) futhi usomthetho uvame ukuphatha esinye seziqu ezimbili kuphela.

  1. ↑ A Dictionary of Law (7 ed.), J Law and EA Martin, Oxford University Press, 2009, ISBN 9780191726729