Umlobelo
Umlobelo iyisizindalwebu yokwaziswa equkethe izifako zombhalo olubandlu, ezivame ukungahleleki nezibhalwe ngathi isiqophasuku esaziwa nangokuthi izixhomo . Izixhomo zivame ukuboniswa ngokulandelana kwazo ukuze izixhomo zakamuva zivele kuqala, phezulu kwekhasi lolwebu . Ngawo-2000, imilobelo yayivame ukuba ngumsebenzi womuntu oyedwa, ngezinye izikhathi weqembu elincane, futhi yayivame ukumboza isihlokondaba noma isihloko esisodwa. Ngeyezi-2010, kwavela imilobelo enababhali abaningi (ama-MAB), equkethe ukubhalwa kwabalobi abaningi, ngezinye izikhathi kuhlelwe ngobungcwepheshi. Imilobelo yabalobi (MAB) yavela emaphephandabeni, kwezinye izikhungo zabezindaba, emanyuvesi, izingosi zezingqndavu, amaqembu okumela, kanye nezikhungo ezifanayo ezabangela ukwanda kwesinyokotho semilobelo. Ukwanda kwe-Twitter nezinye izinhlelo ze-"zokulobelakanci" kusiza ukudidiyela imilobelo yabalobi nemilobelo enomlobi oyedwa kube izinsizakuxhmana zabezindaba. Umlobelo igama eliyibizo, bese elithi ukulobela kube isenzo.
Imilobelo eminingi ihlinzeka ngosithasiselo ngesihlokondaba noma isihloko esithile, kusukela kunjulalwazi, inkolo, kanye nobuciko kuya kunzululwazi, ezombusazwe, kanye nezemidlalo. Amanye asebenza njengeziqophasuku zomuntu siqu kuxhakaxholo noma ukukhangisa ngomkhiqizo kuxhakaxholo komuntu othile noma inkampani ethile. Umlobelo ovamile ukuhlanganisa isiqakaqo, izithombe zezezibhangqiwei, kanye namakhongco aya kweminye imilobelo, amakhasi olwebu, kanye neminye imithombo yezindaba ehlobene nesihloko sayo. Imilobelo eminingi ngokuyinhloko iyisiqakaqo, yize eminye ihlozinga kubuciko ( imilobelo yobuciko ), izithombe ( imilobelo yezithombe ), amavidiyo ( imilobelo yevidiyo noma imibukelwa ), umculo ( imilobelo ye-MP3 ), kanye nomsindo ( izifayelo ). Kwezemfundo, imilobelo ingasetshenziswa njengezinsiza zokufundisa; lokhu kubizwa ngokuthi imifundelo . Ukulobelakanci olunye uhlobo lokulobela, olunezindatshana ezimfushane kakhulu.