Jump to content

Umnanazabelo

Mayelana Wikipedia
Umnanazabelo

Umnanazabelo (noma ukunanana izabelo) ukunanana okwenzeka lapho abathengisi bezabelo nabahwebi bezabelo bethenga futhi bedayisa khona izibambiselo, ezifana nezabelo, amabhondi nezinye izisetshenziswa zezimali . Iminanazabelo ingase ihlinzeke ngamalungiselelo okukhishwa kanye nokuhlengwa kwalezo zibambiselo nezinsiza nezehli zemali ezihlanganisa ukukhokhwa kwemalingeniso nemihlomulo. Izibambiselo okuhwetshwa ngazo emnanazabelo zifaka phakathi izabelo ezikhishwe izinkampani ezisohlwini, izivivane, okuphuma ku-derivatives, imikhiqizo yokutshalwa kwezimali ehlanganisiwe namabhondi. Imnanazabelo ivame ukusebenza njengezindayi "zendayiso eqhubekayo" ezinabathengi nabathengisi abaqeda ukuthengiselana ngokumemeza besendaweni eyodwa noma ngokusebenzisa uhlelo kwamazuba ukuze badludlunge ukuthengiselana kwezezimali.