Jump to content

Umngcwabo wesizulu

Mayelana Wikipedia
Ukuzila

Umungcwabo ila kusuke kufihlwa khona umuntu osedlulile emhlabeni, ebekwa endaweni yakhe yokugcina.

AMALUNGISELELO

[hlela | Hlela umthombo]

Umsebenzi womugcwabo uthamelwa amalunga omndeni, umphakathi kanye nabangani bakhe umufi. Uma kusuke kudlule umuntu ongu Mama noma uBaba kuwiswa isilwane (inkomo) ngokudlulisa ukumhlonipha njenge nhloko yekhaya kanti uma kudlule ingane asikho isilwane abasiwisayo. Ngaphambi kosuku lomgcwabo ntambama kwalapho umufi bayamulanda emakhazeni akade elele kuwo ( funeral parlor) bemuyise ekhaya ebese uma esefikile akaqali engene ngaphakathi ekhaya uqala ngokuhlambululwa ( cleansing) ebese bayamungennisa endlini yangenhla. Ebusuku balapho kuba nenkonzo yokuvalelisa umufi (umlindelo) bese ekuseni ngovivi abafana bendawo bayahamba beye emagcwabeni beyokumba incwaba lo mufi.[1]

UHLELO LOMNGCWABO

[hlela | Hlela umthombo]

Ngalo usuku lokungcwaba ekuseni abadala bakuloyo muzi isib: ogogo noma omama bayavuka begeze umufi ebese kubizwa umndeni uzombona okokugcina emumva kwalapho ebese kuyiwa esontweni noma ethendeni ukumuvalelisa ngenkonzo yokugcina, lapho kusuke kubungazwa impilo yakhe esaphila bekhuluma ngamagalelo akawashiyile emhlabeni, umndeni , ubangani kanye nabo bonke okade ephilisana nabo emhlabeni ebese kufundwa umlando wakhe. kwabanye ke umndenni uyake usukume uhlabelele ihubo (iculo) lomndeni wakhe umufi kwabanye ngaphambi kokuthi ephume eye endlini yakhe yokugcina udlula esibayeni kakhulukazi inhloko yomuzi lokho basuke bekwenziswa ukuthi bafuna ukuthi avalelise imfuyo yakhe yokugcina. Ebese bemuyisa endlini yakhe yokugcina[2].

IZINKOMBA

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://clientelemobi.co.za/wp-content/uploads/2021/05/Clientelle_Funeral_Guide_Brochure_Zulu.pdf
  2. https://www.ulwaziprogramme.org/umngcwabo/