Umnothonkulu
Umnothonkulu uyigatsha lezomchazamnotho ophathelene nokwenza, ukwakheka, ukuziphatha kanye nokuthathwa kwezinqumo emnothweni jikelele. Ubandakanya iminotho yezifunda, amazwe nomhlaba. Abosomnothonkulu bahlonga izilinganiso zemvamo zomnotho, njengomkhiqizo wasekhaya ophelele, umholo wezwe, ukuswelamsebenzi, impanyazo, ukonga, ukushwabadela, intshalamali, noma uhwebo. Umchazamnotho ugxile kakhulu emibuzweni esiza ukuqonda izihwexu ezemvamo eziqondene nokudlondlobala komnotho.
Umnothonkulu kanye nomnothoncane angamagatsha amabili jikelele womchazamnotho. Ngokuba umchazamnotho ubhekene nezehlakalo ezinkulu noma izihwexu ezemvamo, uhluke kakhulu komnothoncane ohlonga izindayi kanye nokuthathwa kwezinqumo ezingeni elincane lokuhlaziya, njengemishumanqa nabashwabadeli. Lokwehlukana bugxitshiwe ezikhungweni zomkhakha wezomnotho, uma kucatshwangwa ngomehluko zezidludlungo kanye nemiphumela esematheni.
Umnothonkulu wehlukaniswe ezindikimbeni ezincike emqondonkathi wokuhlaziya: ukuguqaguquka okwesikhashane esizungazungezweni zohwebo, imibango yezinguqunguqu zemvamo njengoswelamsebenzi ezingathintwa izimanga ezesikhashane, kanye nokudlondlobala komnotho kwenkathi ende. Lomkhakha uqukatha ukuhlaziywa kwezinqubomgomo zenkece kanye nezindlekozezwe, ikakhulu uma ziqondene nokuzinzisa izinkomba ezikhethekile noma zenani yokudlondlobala kwomnotho.
Umnothonkulu ungumkhakha ozimele wocwaningo kanye nemfundo obonwa jikelele ukuthi usuke nge-1938 ma uJohn Maynard Keynes eshicilela incwadi yakhe Umchachiso Jikelele woSebenzi, Inzalaniso neMali kodwa abenduleli okongqondongqondo babadala kakhulu kunalokhu. Isazimnotho saseSwidi uKnut Wicksell ubhale incwadi Izinzalaniso kanye neziNtengo (1898) eyahunyushwa ngesiNgisi nge-1936 ubonwa njengomhlahlandlela womnothonkulu kodwa uKeynes ungenise umdando womholo wezwe (kanye nezindaba ezihlobene) okungathiwa ngaye ungumsunguli wonothonkulu njengeqeqeshe esemthethweni. Kusukela iMpi yesiBili yoMhlabawonke, amaqembu zomcabango zomnothonkulu ngabosobuKeynes, abosonkece, abosomchazamnotho zobuklasiki obusha kanye nobuKeynes obusha ezinomthelela ekuthuthukisweni kocwaningo oyinjwayelo.