Umqaqathi

Umqaqathi isikhundla sakwaNgqondonkulu esisemanyuvesi amaningi namakolishi, nezikhungo zoqeqesho lobuchule. Ngokuvamile libhekisela kumuntu oyingcweti yezemfundo oqashwe ukufundisa nokuqaqatha ngokugcwele noma okwesikhashana. Abaqaqathi babuye benze ucwaningo. Ibizo lesiZulu elithi 'umqaqathi' livela esenzweni ukuqaqatha esisho ukuqeqeshela umsebenzi.[1] Uma sifaka isiqalo 'um-' okuyisiqalo samabizomuntu, umuntu oqeqesha abanye, abaqaqathele umsebenzi, uzobizwa umqaqathi noma abaqaqathi ebuningini.
Ukuqhathanisa izikhundla
[hlela | Hlela umthombo]Isixwexwe esingezansi siveza umbono obanzi wezimiso ezingafani zezikhndla, amanyuvesi amaningi anezikhundla ezicishe zivane kodwa ezixutshwe nezinye izikhundla ezintsha. Qaphela ukuthi amanyuvesi wamazwe adlelanayo akhethe ukuthatha uhlelo lwaseMelika esikhundleni sohlelo lamazwe adlelana nawo.
| Uhlelo lamazwe adlelanayo | Uhlelo lwaseMelika | Uhlelo laseNingizimu Afrika |
|---|---|---|
| USolwazi (usihlalo) | USolwazi ovelele noma olingana naye | USolwazi ( omisiwe, W3 noSihlalo, C4) |
| Umfundi noma umfundisi oyinhloko (ikakhulukazi e-UK) / uprofesa ohlangene (e-Australia, e-NZ, e-India, eNingizimu-mpumalanga ye-Asia, eNingizimu Afrika, e-Ireland) | USolwazi ogcwele | USolwazi ( osizayo |
| Umfundisi Omkhulu | Isazi sebhizinisi | Umqaqathingqangi |
| Umqaqathi | USolwazi osizayo | Umqaqathi |
| Umqaqathi ongumqhumane (ngokuvamile isikhundla sezinga lokuqala) | Umqaqathi | Umqaqathi ungumqhumane |
- ↑ Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 690.