Jump to content

Umqhele

Kubuya ku Wikipedia
Umqhele wamaZulu

Umqhele

Umqhele yisigqoko sesintu esivamise ukugqokwa amadoda esizweni samaZulu.Ngokwesiko umqhele wenziwa ngoboya noma ngesikhumba,njengesikhumba semvu.Okuvamile ukuthi umqhele ugqokwa amadoda asekhulile noma ashadile.Umqhele uphinde ube isibonakaliso sobudoda.Uma umuntu wesilisa efake umqhele lokho kumenza ukuthi abenesithunzi kwamanye amadoda emphakathini uma ngabe behlangene bonke.[1]Umqhele uphinde unikeze umuntu wesilisa ubuholi njengenhloko yomuzi.Kwezinye izikhathi ugqokwa emcimbini yesintu efana nemishado kanye nemikhosi yesizwe.Ngamafuphi,umqhele uyingxenye ebalulekile yamasiko amaZulu futhi ukhombisa isikhundla nobudala bomuntu.[2]

UMqhele wamadoda uyisibonakaliso sobudoda, isithunzi nokuziphatha okuhle emphakathini. Esintwini, umqhele umele umuntu osekhulile ngokomqondo nangokuziphatha, okwazi ukuthwala imithwalo yomndeni nokuba isibonelo esihle kwabanye. Ugqamisa ukuhlonipha amasiko, ukugcina izifungo, nokuhola ngomusa nangobulungisa. Indoda “enomqhele” ibonakala ngokuzimisela, ukwethembeka, nokuvikela umndeni wayo kanye nomphakathi.[3]

Ngaphezu kwalokho, uMqhele wamadoda unendima ebalulekile ekwakheni umphakathi oqinile. Ufundisa amadoda ukubekezela, ukusebenza kanzima, nokubambisana nabanye. Lapho amadoda ehlonipha umqhele wawo, kuba nokuthula, inhlonipho, nokuzwana phakathi kwemindeni. Ngakho-ke, uMqhele wamadoda awugcini nje ngokuba uphawu lobudoda kuphela, kodwa uyisisekelo sokukhula nokuphumelela komphakathi wonke.[4]

Imithombo yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
    1. https://africantraditionalwear.co.za/products/umqhele-large
    2. https://allthingsafrican.shop/Zulu-Traditional-Headgear-Umqhele-Medium-size-p552041614
    3. R Papini - African Arts, 2004 - search.proquest.com
    4. M Echtler - … religious spaces: Religious interactions in Africa …, 2020 - multiple-secularities.de